... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukunganeliswa Okunempilo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KuThithu 3:3-5 Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, abangalaleliyo, abadukiswayo, sikhonza izinkanuko nokutamasa okuyizinhlobonhlobo, sihlezi ebubini nangomhawu, sizondekile sizondana. Kepha lapho sekubonakalisiwe ububele bukaNkulunkulu uMsindisi wethu nothando lwakhe kubantu, wasisindisa kungengamisebenzi yokulunga esayenzayo thina kepha ngokwesihawu sakhe ngesigezo sokuphindukuzalwa nokwenziwa sibe basha ngoMoya oNgcwele

Listen to the radio broadcast of

Ukunganeliswa Okunempilo


Download audio file

Akekho noyedwa kithi o-perfect .Okusilethela inkinga yokuthi uma skholwa kuJesu kuba kanjani pho  .Ngoba izethembiso zakhe ngukuthi uma sibeka ithemba lethu kuYe ,uyosinika impilo entsha . 

Ngakolunye uhlangothi uma ubeka ithemba lakho kuJesu owakufela kulesosiphambano,izono zakho zithethelelwe  futhi ngokuvuka kwaKhe usunikwe impilo entsha .Kodwa khona kunjalo kuye kubukeke sengathi ukwesaba kwethu ,ukwehluleka nokuqhuzuka kwethu kulokhu kulenga kungaqathakile kithi . 

Kungani uNkulunkulu engavesi aguqule umhlaba wakhe ngokuphazima kweso ngamandla aKhe qede asenze sibe ngaba perfect ? Nokho sithola ukuthi luguquko oluqhubekayo lolu olusithatha impilo yonke ukulufeza . 

KuThithu  3:3-5 Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, abangalaleliyo, abadukiswayo, sikhonza izinkanuko

nokutamasa okuyizinhlobonhlobo, sihlezi ebubini nangomhawu, sizondekile sizondana.  Kepha lapho

sekubonakalisiwe ububele bukaNkulunkulu uMsindisi wethu nothando lwakhe kubantu, wasisindisa

kungengamisebenzi yokulunga esayenzayo thina kepha ngokwesihawu sakhe ngesigezo

sokuphindukuzalwa nokwenziwa sibe basha ngoMoya oNgcwele

Ngakho wenzani ngale skhala esiphakathi kokuqonda kwakho itheology kunye nobuqiniso bokuthi isono siyathandela kithi? 

Ngezwa enye indoda phambili ithi isizifundise ukuba nokunganeliswa okunempilo ngenxa yokuqhuzuka kwayo .Ngamanye amazwi iyazi ukuthi seyenziwe busha kodwa ngakolunye uhlangothi iyalubona uqobo lokuzulazula lwesono .Futhi ayizikusitotosa .Ayizikusimukela .Izoqhubeka ivumela uNkulunkulu enze ukuyihlanza kwaKhe  impilo yayo yonke kulomhlaba . 

Ukunganeliseki Okunempilo .Kuyinto enhle .Kuliqiniso kukhona.

Futhi yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.