... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukubeka Isifundo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KwabaseKhorinte 4:20 Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awuyi ngezwi kepha ngamandla.

Listen to the radio broadcast of

Ukubeka Isifundo


Download audio file

Ngiyazibuza ukuthi ekaze ngesikhathi usathatha isikali ubuka izinga lempilo yomndeni wakho ngokwenhliziyo nangokwezikamoya  ,ubonani ?  Ngakube ujabule kakhulu ….kumbe kugingqika ubuhlungu bodwa qede bukwenze zigeleze usabucabanga?

Njengokuba sike sakhuluma ngemindeni ,ngomndeni wakho kulezinsuku ezimbalwa ezedlule kuya ngokuya kucaca ukuthi umndeni o-perfect uyinganekwane awukho uma sibuka ngokokwenzeka kwezinto emhlabeni ,wona kanye lowo wakho ungo perfect ngokwawo.

Kuyo yonke imizi kunentuthu ethunqa egcekeni ,yonke imindeni  inotwayi lwayo .Kodwa sithola ukuthi khona kunjalo uNkulunkulu uwuthanda ngokujulile umndeni wakho noma ngabe ukusiphi isimo ,amagama kanakukuphimisela lokho.Yingakho wathumela uJesu ukuzofa qede avuke .Ukuletha intethelelo nobusha bempilo kwilunga ngalinye lomndeni wakho . 

Kodwa nansi into .Mina nawe singaya emikhulekweni ,siye enkonzweni ,singabashumayeza size sibe manzi teh  kodwa uthole ukuthi akuguquki lutho . Kwesinye isikhathi kuba yisikhathi sikaNkulunkulu .Kwesinye isikhathi akwenzeki ngenxa yokuzenzisa kwethu ,uma kungabanga  inkinga yenhliziyo ,lokho okugcina kuba ngumdlavuza onamandla ukwenza umndeni  ongenayo impilo . 

Uma inkambiso yethu ingahambisani namazwi esiwashoyo ,singagcina siyizivimbamgwaqo ezinkulu ,ekuboneni uNkulunkulu esindisa ubudlelwane bemindeni yethu …. 

1 KwabaseKhorinte  4:20 Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awuyi ngezwi kepha ngamandla.

UJesu uqonde ukusindisa impilo yakho kuqala . UJesu uqonde ukukuthena njengesihlahla  ,akulole ,akuthobise  futhi okuthi ngalokho ,akunike amandla ukuba linxusa laKhe emndenini wakho kumbe wakini . 

Ngesikhathi usondele kumuntu ,kusikhathi sinye izenzo nenkambiso yakho ,phezu kwamazwi akho  ,kuyoletha uthando lukaKhrestu kubona.Ngakho yima manje ukukhuluma kunalokho yenza . 

Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awuyi ngezwi kepha ngamandla.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.