... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Emva Kokuphila

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 14:1-3 “Inhliziyo yenu mayingakhathazeki. Kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi. Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela ukuthi ngiya ukunilungisela indawo. Nanxa ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginibuyisele kimi ukuba lapho ngikhona nibe khona nani.

Listen to the radio broadcast of

Emva Kokuphila


Download audio file

Sewake waba sesimweni sokukhathazwa ngukuthi ekaze kunjani ngaphesheya kwalokhu kuphila  … esikhathini la oyobe usuphefumule umoya okokugcina ? Awuyikuba wedwa . 

Ngivumele ngikucobelele umfanekiso engizithole ngidideka kuwo mumva nje . 

Indoda eyayigula ,yaphendukela kudokotela wayo ngesikhathi ethi uyafluthela eseyishiya egumbini layo yathi , “Dokotela ngiyesaba ukubhekana nokufa ,ngitshele kunjani ngaphesheya kwalokhu kuphila ?” 

Ngomoya ophansi udokotela wathi , “angazi  …”

“Hawu awazi ? Ube unguMKhrestu ,hawu  kodwa futhi awazi kunjani ngale kwalokhukuphila ukuthi kunjani  ”

Udokotela wayebambelele esibambweni sesicabha esasivaliwe ; ngale kwesicabha kwakuzwakala kunobuklwaklwayi kuklwejwa isicabha ,sidudulwa ,kanti kwabe kuyinja kadokotela ,kwaba ukusivula nje isicabha yasho phakathi ,isijabule ifile isho ukukotela kuye ,itshikizisa umsila. Udokotela wabe esephendukela esigulini ,wathi , “Ukubonile lokhu obekwenzeka ? Lenja yami ayikaze ilokothe nangolulodwa usuku ukuba kuleligumbu ,futhi ibingazi kwakwazi ukuthi kunjani ngaphakathi ,ibingazi lutho ngaphandle kokuthi umnikazi wayo ukhona la ngaphakathi futhi okuthe uma isicabha sivuleka ,yangena igijima ingenakwesaba  .Ngazi okuncane okungaphesheya kwalokhu kuphila ,ekufeni ,kodwa kunento eyodwa engiyazi kahle kamhlophe  … onguMnikazi wokuphila kwami ,iNkosi yami ikhona ,lokho kunganele ukukwazi .”

NgokukaJohane  14:1-3“Inhliziyo yenu mayingakhathazeki. Kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi.  Ekhaya likaBaba

kukhona izindlu eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela ukuthi ngiya ukunilungisela indawo. 

Nanxa ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginibuyisele kimi ukuba lapho ngikhona nibe khona nani.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje. Ukuzitholela le-Devotion e-FRESH nsukuzonke sithumele iwhatsup ku :    067 706 0077.

Lengosi  ungayithola futhi ngokungena  ku  -Spotify nakwi Facebook paqe yethu  kungenjalo downloader i-APP yethu ,kuzo zonke lezi nkundla , igama olicofayo   : IZwi EliFresh