... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungakuxhaphazi Ukukhululeka Kwakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseGalathiya 5:13 Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni. Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando.

Listen to the radio broadcast of

Ungakuxhaphazi Ukukhululeka Kwakho


Download audio file

Namhlanje zine kuJuly.Uma ungumuntu okwaziyo okwenzekayo emhlabeni uzokwazi kahle kamhlophe ukuthi lusuku lokuzimela kwezwe lase-USA ,eMelika ,izwe elicebe kunawo wonke emhlabeni jikelele. 

Ukuzimela kunge nkululeko kodwa ngale kokuthunuka [engingeke ngikwenze ] kungumlando omile ukuthi impumelelo yeMelika yakhiwa ngenxa yokwenza abantu izigqila ,ubandlulo lwengcindezelo olubi lokucindezela abantu  ngenxa yohlanga lwabo nebala lesikhumba sabo ,okuyinto embi impela . 

Akabongwe uNkulunkulu ukuthi akusenjalo manje .Kodwa uthi bewazi nje ukuthi izwe elincane laseNtshonalanga ne Afrika i-Liberia enabantu abala ngaphansi kuka   5 million,yasungulwa ngeminyaka yo  1800 isungulwa yizigqila ezakhululwa eMelika ? Yingakho iflag labo lithi alibukeke ngokufana nelaseMelika ,kodwa lona linenkanyezi eyodwa esikhundleni sezingu 50 zaseMelika . 

Nokho othola ukuthi phakathi eminyakeni yama 1900 udlambedlu lwamasosha  lokuketula umbuso kunye nobundlovukayiphikiswa buka – Charles Taylor  kwaholela odlameni lwezwe lonkana kwaphetha ngengcindezelo enesihluku. Ubungeke wacabanga ukuthi izigqila ezakhululwa ebugqilini bezizofuna ukuhlala ngokuthula ,enkululekweni izwe labo iLiberia eyidumisayo!  

Kodwa lutho sanhlobo. Ngoba kunokukunika isifundo esifushane  somlando umongo kuloludaba ngukuthi thina luntu sinomkhuba omubi wokuxhaphaza inkululeko yethu ;sizidonsele amanzi ngomsele wokwehlulwa sibe siqhamuka ekunqobeni  .

KwabaseGalathiya  5:13 Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni. Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando.

Lesisexwayiso asizi kuphela kuMaMelikana naMaLiberia kodwa kithi sonke ngoba uma sizihlela ukwenza okukitaza imvelo yethu yesono ,sixhaphaza inkululeko yethu esayiphiwa nguNkulunkulu . 

kepha khonzanani ngothando.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.