... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Changing Values

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 EkaJohane 2:15-17 Ningathandi izwe nezinto ezisezweni. Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaYise alukho kuye, ngokuba konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni. Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.

Listen to the radio broadcast of

Changing Values


Download audio file

Nanoma ngubani okholwa nguJesu kulesikhathi ungaphansi kwengcindezi enkulu;ingcindezi yokuguqulelwa ezinkambisweni ezingezinhle zakulomhlaba,izingcindezi zokumukela izindlela zawo zempumelelo .Izingcindezi ezi-serious kakhulu . 

Njengamanje angazi ukuphi ezindabeni zokholo .Angazi  sanhlobo .Kodwa noma ungumuntu wokholo noma qha …buka la ukhona .Buka okwenziwa ngabantu kwabanye ,yikuphi abakushoyo komunye nomunye ,izinga lokukhula kokwehla kwesimilo emishadweni ,emndenini,nasezinganeni . 

Akukuhle neze futhi okuthi ngesikhathi kudlebeleka nabantu beqhubeka beklabalasa ezindlebeni zomunye nomunye ,lokho kukodwa kukhomba ukuthi ingcindezi yomuntu owenza kahle inkulu kakhulu kunakuqala . 

1 NgokukaJohane  2:15-17 Ningathandi izwe nezinto ezisezweni. Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaYise alukho kuye,  ngokuba konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhu kuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela

ezweni. Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.

Umongo lapha ukhomba ukuthi ,ukuvunana nobubi bezwe ,ngisho kuthiwa kwenziwa yingcindezi yezwe ekufaka ngekhanda kukho ,kumile ukuthi kungubutha noNkulunkulu .Uma siguqula izinkambiso zethu ,uma sehlisa inkambo yethu ukuze sihambisane nesiphila nabo emhlabeni kunye namasikompilo esikhathi ,kuchaza ukuthi asisalandeli uJesu ,silandela abadukile . Kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.