... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

I- Currency YoMbuso

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMarkhu 12:29-31 Owokuqala ngowokuthi : ……Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho,nangawo wonke umphefumulo wakho,nangayo yonke ingqondo yakho.’ Owesibili yilo : ‘Womthanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena ,awukho omunye umyalo omkhulu kunale.

Listen to the radio broadcast of

I- Currency YoMbuso


Download audio file

Kubukeka sengathi izinto thina esizipha inani ,ngokukaNkulunkulu azifani nalezi yena azipha inani.Zihlukile zinjalo kodwa ekugcineni kuba yizo lezizinto zikaNkulunkulu ezisinelisayo.

Wonke umbuso noma izwe kulomhlaba linohlobo lwemali oluyisebenzisayo [currency] ;IRandi lapha eMzansi ,iDollar laseMelika ,uPondo waeBrithani ,yiRuppee lase Indida ,zonke izizwe zinohlobo lwemali ezikala ngalo ukubalwa komnotho wazo nohwebo .

NoMbuso kaNkulunkulu nawo une-currency yawo ,nokho kodwa yehlukile kancane kunale thina esiyejwayele .Lalela indlela uJesu ayichaza ngayo:  

NgokukaMarkhu 12:29-31 Owokuqala ngowokuthi : ……Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho,nangawo wonke umphefumulo wakho,nangayo yonke ingqondo yakho.’ Owesibili yilo : ‘Womthanda umakhelwane wakho  njengalokhu uzithanda wena ,awukho omunye umyalo omkhulu kunale.

Kubukeka kungukuthi icurrency yoMbuso kaNkulunkulu wuthando , lokho okuyi currency ehlukile kakhulu ngokwembuso yakulomhlaba.Uyabona ngokwembuso yakulomhlaba ,impumelelo ingokuthi ngokwe currency  yemali okungaba yi Randi yi-Dollar njll – okwazi ukuba nayo futhi uyisebenzise ngokokuvala imilomo yababukayo kubonakale ukuthi umaliyavuza ke lo .

Kodwa ngokwasemnothweni woMbuso kaNkulunkulu ,impumelelo ingokuthu kungakanani okwazi ukuphana ngakho ,kungakanani ongalahlekelwa yikho ,kungakanani ongakunikela .

Into enenani elikhulu emBusweni kaNkulunkulu ,wuthando okuyinto egeleza ngokwe direction ehlukile ngokwamehlo enani  kulemibuso yakulomhlaba.EMbusweni kaNkulunkulu ekunikeleni kakhulu ,kunkathinye futhi kuchaza ukuthi kuningi okuchichimayo kuwe.Ekuzideleni kakhulu ,kusikhathi sinye uceba kakhulu.

Mhlawumbe yingakho yonke imali emhlabeni ngeke ikwazi ukunelisa injula yokulangazelela kwenhliziyo yoluntu ,Kodwa wuThando lodwa phaqa . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge