... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ikati Elilahlekile

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 15:24 “Ngokuba lendodana yami ibifile,yabuye yaphila,ibilahlekile seyatholakala” ,base beqala ukujabula.

Listen to the radio broadcast of

Ikati Elilahlekile


Download audio file

Ngingakubuza ukuthi usondele kangakanani ngokobudlelwane noNkulunkulu?  Futhi uma kungukuthi ekujuleni kwenhliziyo yakho uyazazela ukuthi yikuphi okumele kube yikhona,yikuphi ozokwenza ngalokho?

Ngolunye usuku ,kwenzeka esasingakucabangi,ikati lasekhaya lalahleka.Sasikhathazekile sasilithanda ekhaya lelokati ,seliyingxenye yempilo yomndeni.

Kwathatha  izinsuku ezine zonke ….dukuduku nangu ukaatii eqhamuka ezilulela umsila wakhe .Ngiyakutshela wena injabulo eyaba lapho ekhaya ayichazeki.Kwakungathi izoqhuma inhliziyo wonke umuntu ejabulela ukubuya kwekati wena owabona umnumzane ejabulela ukubuya kwenkomo yakhe ebilahlekile nowemoto ebisicingwe kwakhathalwa!

Ngakho ake ucabange ukuthi uNkulunkulu uzizwa kanjani uma sesibuyela kuYe.Ake ucabange kuba  njani nje enhliziyweni yaKhe uma oyedwa  wethu ebuyela ekhaya.

Kwase kuyiminyaka eminingi,ngizitshela ukuthi mangike ngabuyela kuNkulunkulu ,ngizoba senkingeni! Enhliziyweni yami ngangazi kahle ukuthi kade ngiphila impilo uNkulunkulu azoba nenkinga ukwazi ngayo.

UJesu waxoxa indaba ephelele ngalokho…indaba yendodana yolahleko.Evese ingihlabe umxhwele kulendaba ,yindlela uyise walendodana yolahleko aphendula ngayo ekubuyeni kwayo.


NgokukaLukha 15:24 “Ngokuba lendodana yami ibifile,yabuye yaphila,ibilahlekile seyatholakala” ,base beqala ukujabula.


Lomfana wayehubhuze  imali kayise,walala nabaqwayizi….kodwa owathi mayebuyela ekhaya ..uyise wahlaba idili!

Uyabona ,yilona thando lukaBaba lolo.Yonke leyominyaka engangisaba ngayo ukubuyela kuYe,wayeshisekela ukuba ngibuye kuYe.

Noma ngabe ukuphi njengamanje,uma kungukuthi awukaze ubuyele kuYe,kumbe uma kungukuthi uhlehlile kuYe  kumbe usadedile kuYe,kumbe usuphelelwe yinqubo yokuthandaza ….noma ngabe yikuphi okukho manje ….ungabe usalinde olunye usuku .

Buya mntwana buya ! Ubuyele ekhaya!

UNkulunkulu-Ulangazelele ubuyele kuYe qede akugone.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge