Impi Emva Kwenye
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.
Dutheronomi 6:18,19 Wokwenza okulungile nokuhle emehlweni kaJehova,ukuba kube kuhle kuwe,ungene ulidle lelozwe uJehova alifungela oyihlo ,ukuxosha zonke izitha zakho phambi kwakho njengalokho ekhulumile uJehova.
Kungokunye ukuthi uNkulunkulu asithembise izinto –futhi nebala wenza izethembiso eziningi eZwini laKhe.Kanti-ke kungokuhlukile kakhulu futhi ukuzizwa lezizethembiso empilweni yethu ;siphile kulezozethembiso,usuku nosuku ,awuvumelani nalokho?
Ziningi izinto ezithembisa okuningi empilweni…nokho futhi ,iningi lazo ziyehluleka ukufezeka.Impumelelo isengaphenduka umgodi wotwa igobosi uqobo lwalo.Ezobudlelwane zisengasiphoxa.Ngeshwa nakubaningi ,ngenye yezindlela enqamulela ukuthi bamazi kanjalo noNkulunkulu.
UJesu ubukeka esithembisa okuningi –ukuthula,intokozo,impilo echichimayo –kodwa uthole ukuthi ndlelana thizeni ukwenzeka kwezinto kusengenza zingabonakali lezethembiso.
Cishe kwakuzwakala kanjalo ku-Israel ,emva kwamakhulukhulu eminyaka beyizigqila eGibhithe eyalandelwa yiminyaka engu 40 bezulazula ehlane ,base besondela ekuweleleni ezweni uNkulunkulu alethembisa u-Abhrahamu –Izwe Lesethembiso.
Kodwa ngesikhathi bebheke esithembisweni ,into kuphela abayibona kwabe kuyizigejana zezizwe ezabe sezivese zihleli zizinzile kulo kungelazo.Kwabiza babhekane nempi emva kwenye ukuze bakwazi ukuthatha “leliZwe leseThembiso”.
Ngakube lokhu kungesinye sezeThembizo zikaNkulunkulu? Futhi uma kuyiso pho manje bazosithola kanjani basigone basithokozele libe livele lelizwe seliqaqelwe yizizwe ezimelene nabo?
Nansi indlela uNkulunkulu aphendula ngayo leyomibuzo:
Dutheronomi 6:18,19 Wokwenza okulungile nokuhle emehlweni kaJehova,ukuba kube kuhle kuwe,ungene ulidle lelozwe uJehova alifungela oyihlo ,ukuxosha zonke izitha zakho phambi kwakho njengalokho ekhulumile uJehova.
Futhi ngakho ,baqhubeka balwa impi emva kwenye ,bakuzwa ukwethembeka kukaNkulunkulu besaqala nje.Bakuthola bakuthatha lokho uNkulunkulu abe ekwethembisile.
Wokwenza okulungile nokuhle emehlweni kaJehova,ukuba kube kuhle kuwe.
Sihlobo sami uNkulunkulu unohlelo ngawe lokuthi uphile ezethembisweni zaKhe.Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..