... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Impilo Esivivi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isambulo 3:15,16 Ngiyayazi imisebenzi yakho ukuthi kawubandi, kawushisi. Sengathi ngabe uyabanda noma ushise. Ngakho-ke njengalokhu usivivi, ungashisi ungabandi, ngiyakukuhlanza uphume emlonyeni wami.

Listen to the radio broadcast of

Impilo Esivivi


Download audio file

Yebo,sizithandela ukuzishayela amahubo kulempilo …sithi siyakholwa nguJesu …,manje pho kuzokwenzekani nge promotion emsebenzini kimi,ngokuzithokozisa ngiyozikhipha ngithathe iholidi.Yikuphi akucabangayo ngami,lowaya uzakwethu ubukeka engcono kunami …,yiyona mvamisa leyo okuba yikhona.

Manje ,ngakube sewake wawaphuza amanzi asivivi antukuntuku ? Avese aqede uthando ,akunjalo?!  Uvese ufikelwe ukuwathimisa.Yilowo muzwa kanye uJesu aba nawo uma ebhekana noMKhrestu osivivi.Nansi indlela abeka ngayo:

Isambulo  3:15,16 Ngiyayazi imisebenzi yakho ukuthi kawubandi, kawushisi. Sengathi ngabe uyabanda noma ushise. Ngakho-ke njengalokhu usivivi, ungashisi ungabandi, ngiyakukuhlanza uphume emlonyeni wami.

Futhi okuthi uma ukucabanga lokhu ngokomqondo ye-glass yamanzi okuphuza angabandi angashisi ,uba sesimweni sokuqonda uJesu abhekene nakho la.Bese kuthi ngakolunye uhlangothi ,uSathane yena uyazifela ngokuthanda aMaKhrestu asivivi.Uyawabona lawoMaKhrestu ,abeke nje igazi phansi ,athi inqobo mangifikile nje enkonzweni ngalalela ngabhala usuku lokuthi nami ngiyile ,aMaKhrestu aziphilela impilo uKhrestu engekho mkhulu ezimpilweni zawo .Amakholwa ampilo zawo azinamthelela eziwenzayo egameni likaKhrestu owenza umehluko .

AmaKhrestu awuhlobo olusivivi ngokucacile nje.

Ngicabanga ukuthi nakanjani uSathane ujabula kabi ngohlobo olunjalo lwamakholwa ,kwazise phela akawaboni njengengozi kuye.Futhi awasoze atshela muntu ngoJesu lamakholwa.Soze wawabona ekhombisa ukubekezela ,uthando nezibele kumuntu obengakufanelwe sanhlobo.Yebo nebala ubuvivi kuchaza ukuthi awuyona ingozi sanhlobo!

UJesu ngakwelinye icala uyashisekela kakhulu ngami nawe  okungangokuthi waze wasifela esiphambanweni.Futhi lowoJesu kanye unohlelo ngempilo yami neyakho ,ukuba kube khona esikumelayo kulomhlaba,senze umehluko,adonsele abantu kuYe uqobo esebenzisa thina.

Ungabi nguMKhrestu osivivi

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge