... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Khulula Amehlo Akho Engqondo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMarkhu 11:22-24 UJesu waphendula, wathi kubo: “Kholwani nguNkulunkulu. Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba: ‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ engangabazi enhliziyweni yakhe kepha ekholwa ukuthi lokho akushoyo kuyenzeka, uzakuba nakho. Ngalokho ngithi kini: Konke enikukhulekelayo nenikucelayo, kholwani ukuthi nikwamukele, nizakuba nakho.

Listen to the radio broadcast of

Khulula Amehlo Akho Engqondo


Download audio file

Ngingakubuza ukuthi yiyiphi intaba edinga ukugudluzwa empilweni yakho ,njengamanje? Yisiphi lesithiyo obhekene naso ,esikuvimba ukuba yilokho uNkulunkulu ayekudalele ube yikho ngokoqobo, nokwenza konke lokhu ayekudalele ukuthi ukwenze konke ?

Kuyamangaza kuhlekisane ukuthi sigcina sesizejwayele izithiyo ezisivimbayo ukuba yilokhu okumele sibe yikhona . Emva kweminyaka lentaba ikhona ,ngivese ngiyiphiwe ,ngeke isagudluka ,angithi sisho  njalo? 

NgokukaMakhu 11:22-24UJesu waphendula, wathi kubo: “Kholwani nguNkulunkulu. Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba:

 ‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ engangabazi enhliziyweni yakhe kepha ekholwa ukuthi lokho akushoyo kuyenzeka, uzakuba nakho. Ngalokho ngithi kini: Konke enikukhulekelayo nenikucelayo, kholwani ukuthi nikwamukele, nizakuba nakho.

Manje imvamisa uma sizwa intshumayelo ngalendima ,isuke ingokholo lwakho . Futhi cha lokho akubhimbile ngoba yilokho kanye uJesu ayekhuluma ngakho kubafundi baKhe . 

Kodwa ngakube sewuke wawadedela amehlo akho omqondo ukuba avuleke ukubona ukuthi uma lentaba ingekho impilo iyoba njani? Ngakube sewake wajula emicabangweni yakho usemkhulekweni wakho ,ebukhoneni bukaNkulunkulu ,uzibone ukuthi ungaba njani uma lentaba ibingagudluka? Ibone ingekho  ngengqondo ,ebese kuthi ngokholo oluncane olungange nhlamvu yesinaphu khuleka igudluke ingqukuleke phansi?

Mina nawe sidalwe ngomfanekiso kaNkulunkulu ,lokho okuchaza ukuthi sinamandla amangalisayo okubona izinto ezingekho zibe ngezikhona . Futhi asivume ukuthi uma siwadedela lamehlo engqondo ahlabe kude njengezipopolo ,angikuxoxele sihlobo sami ukuthi  nakanjani uNkulunkulu ubeke  indlebe qede enze umangaliso olukhulu. Okuvese kwenze ukuthi ukholo oludingayo ukungqukulekisa phansi leyontaba ,luvese luphile . Khulula amehlo akho engqondo athubeleze abone kude . Asikhulumi ngokuthi yonke into oyiphuphayo izokwenzeka kodwa sikhuluma ngamandla okholo ukubona izinto ezisecebweni likaNkulunkulu ,ebesivimbekile ukuzibona zingenzeka.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.. 


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to heavy rains that flooded our TV studio, there’s no video for today’s Fresh. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.