... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Kuhle Emoyeni Wami (5)

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KwabaseThesalonikha 4:16 Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala

Listen to the radio broadcast of

Kuhle Emoyeni Wami (5)


Download audio file

Kuleminyaka embalwa eyedlule ,njengokuba  ubhubhane belushanela umhlaba wonke ,baningi abantu abafile .Futhi baningi abantu abaphile ngokwesaba ,besabela ukufa ,ngisho nabantwana bakaNkulunkulu .Kodwa akumele ukwesaba ukufa kungene emqondweni wethu .

Uzakwethu uthi uyakhumbula ebuka uyise eshona embhedeni esibhedlela .Isimo sikashukela sambamba kanzima  eseneminyaka engu 74 .Wayomile ephashile ,kunzima ukuphefumula kuye…kodwa ukufa kwamhlula ngesikhathi umzimba wakhe usalwela ukuphila .Emva kwalokho kwathi swayi ….kwaba usehambile njalo . 

Kuyinto elusizi olunzima ukubuka umuntu eshona ,ngoba inhliziyo yethu isuke ihleli ekuphileni .Uvese ubone ukuthi lusuku lumbe kuzoba nguwe  nakanjani,lokho kungukusho okungangabazeki . 

Lokhu kusiyisa kwivesi lesihlanu kulelihubo  It is Well With My Soul-Kuhle Emoyeni Wami , elabhalwa ngu – Horatio Spafford, ongalahlekelwanga nje kuphela ngumnotho wakhe wasemhlabani kodwa zonke izingane zakhe ezinhlanu :

Kodwa Nkosi ,kungawe ,silinde khona ukubuya kwakho , Umgomo wethu akulona ithuna ,akuwona amafu , Yeka ,lelocilongo lengelosi ! Yeka ,lelophimbo leNkosi ! Ithemba elibusisekile ,ukuphumula okubusisekile komphefumulo wami .

Futhi kungalesosizathu ukuthi okholwa nguJesu ,obambe ngempilo yakhe iqiniso lokuthi uJesu wasihlawulela izono zethu esiphambanweni ,ukwazi ukuphila edlule ethembeni lethuna  abuke ngale .Ingunaphakade noJesu – Kodwa musa nje ukuzwa  amagama ami kuphela .Musa ukuzwa nje aka-Horatio kuphela   .

1 KwabaseThesalonikha  4:16Ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulunkulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..