... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Pride Plunders

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFiliphu 2:5-8 Mawube kini lowo mqondo owawukhona nakuKristu Jesu owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu, kepha wazidela ethabatha isimo senceku, enziwe ngomfanekiso wabantu; wathi efunyenwe enjengomuntu ngesimilo, wazithobisa, elalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano.

Listen to the radio broadcast of

Pride Plunders


Download audio file

Eminyakeni yokuphila kwami sengihlangane nabantu abahlakaniphile naphuphumelelayo abaningi .Kuwe? Abantu abanze ama –achievement amaningi ngaphezu kwakho ,futhi ovese uzibone bakushiya kude kabi.Kodwa kunento eyodwa ebaletha ekugaxeleni   . 

Iqiniso ngukuthi ubungaba smart kodwa uphinde ube nonya sikhathi sinye .Ungaba ngophumelelayo kakhulu kodwa futhi ube ngongemnandi ekuphileni.Unga winner kakhulu kodwa sikhathi sinye ube yi looser kakhulu futhi .Konke lokho kuyinto ehambisanayo engemnandi ngeshwa elokhu ibonakala kubantu kaninginingi. 

Kubuhlungu ngempela, ngoba uma impakamo igaxelisa umuntu ,imenza agcine  eyisehluleki kakhulu .Ngake ngezwa omunye ethi uma impakamo ike yaku robber bonke ubuqotho  bokuba nenani elihle phambi kukaNkulunkulu ,ngingangeza ngithi naphambi kwabantu futhi .

Ungaba ngumuntu o-smart phambi kwabo  bonke abantu  emhlabeni [ngingasayiphathi eyokuzitshela u-smart naphambi kukaNkulunkulu], kodwa ngenxa yempakamo uzithole ungumtshingibethwa ngubani ,uzithole unomzwangedwa negebe ngaphakathi elingachazeki  ngenxa yempakamo .Yingakho kusemqoka ukuchoboza impakamo enhliziyweni yakho ,ingaze ikucekele phansi ,ngoba nakanjani uma uyifukamela izokudicilela phansi. Ukuziphakamisa kwandulela ukuphahlazeka phansi .Indlela engcono yokuyichoboza  enhliziyweni yakho ithini? 

KwabaseFiliphi 2:5-8  Mawube kini lowo mqondo owawukhona nakuKristu Jesu  owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu, 

kepha wazidela ethabatha isimo senceku, enziwe ngomfanekiso wabantu;  wathi efunyenwe enjengomuntu ngesimilo, wazithobisa, elalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano.

#Bamba lokhu : Indlela enhle yokuchoboza impakamo ngukulandela ufuze uJesu . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.