... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukusebenza Ukuthula

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

EkaJakobe 3:18 Kepha isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngokuthula kubo abakwenzayo ukuthula.

Listen to the radio broadcast of

Ukusebenza Ukuthula


Download audio file

Izolo sikhulume ngenhlakanipho engajwayelekile  esiyidingayo ukulungisa ungqubuzano  ,sikwenze ngendlela enobuNkulunkulu .Inhlakanipho kaNkulunkulu ekhona elinde mina nawe .Inkinga ekhona ngukuthi asivamisi ukwenza ukuthula kube yikho okuseqhulwini ezimpilweni zethu .

Angikaze mina kodwa ngihlangane nomuntu ongakufuni ukuthula empilweni yakhe .Mhlawumbe kungenzeka ukhona ongakuthandi ,kodwa engikwaziyo ngukuthi iningi lethu liyakuthanda .

Futhi othola ukuthi lomhlaba esiphila kuwo ,alukho olunye olulangazelele ngaphandle kokuthula .Noma ngabe ezobudlelwane bethu nomphakathi ,ezenkolo ,ezepolitiki ,nobuhlanga  kumbe ongqubuzanweni lwethu ngisho nanemindeni yethu ,komakhelwane nasemsebenzini …..konke lokhu kuthula esikulangezelelelayo kubukeka kulutalagu wena ongafunga ngolwasogwaduleni  uqobo ,into engabambeki. 

Ngiyazibuza ukuthi ekaze ongqubuzanweni  olwahlukene oluqhubekayo la ukhona  [sonke sinalo phela ] .Yikuphi okholwa ngukuthu uNkulunkulu ukubizele kukho kulesosimo ?

 Kumbe mhlawumbe kungenzeka ukuthi awukamuzwa okwamanje ekubizela ekwenzeni utho ? Nansi la ihluzwa khona okulindeleke kuwe  : 

EkaJakobe  3:18Kepha isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngokuthula kubo abakwenzayo ukuthula.

Amatoliko abhala ngokungefani elinye lithi ‘ nikusebenze ukuthula’ ,leli lona lithi ‘abakwenzayo’ ,ngiyalithanda leli elithi ‘nikusebenze’ ngoba akuzenzakaleli .Izinto azifese ziziqondele nje .Mina nawe sidinga ukubhekana nongqubuzano ngenhlakanipho kaNkulunkulu,kodwa futhi nangomoya wokwazi ukuthi yimi ,okumele ngisebenze lesisimo.

Kahle hle uma uzibiza  ngomntwana kaNkulunkulu ,nakanjani into eseqhulwini ochazweni lomsebenzi wakho ezintweni eziseqhulwini ,yiqhaza lakho lokuba ngumenziwokuthula  ukwenza egameni leNkosi .

Ngakho ,ukucabanga ngezinxunxushu ezahlukene obhekene nazo  njengamanje ,ongakwazi ukuzisebenza  ukuze udale uxolo .Ngokuba uma utshala ukuthula ,kanjalo futhi uyovuna isibusiso esiza ngokukutshala .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..