... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuthokozela Imithetho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 119:13-16 Ngomlomo wami ngimemezele zonke izahlulelo zomlomo wakho.Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho njengemfuyo.Ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho ,ngihloniphe izindlela zakho. Ngiyakuthokoza ngezimiso zakho ,angiyikukhohlwa yizwi lakho .

Listen to the radio broadcast of

Ukuthokozela Imithetho


Download audio file

Sonke ngabanye kusuka sibancane besithobele ukuba semithethweni ethile .Abazali bethu basifundisa esingakwenza nesingeke sikwenze .Futhi uma wawufana nami ebunganeni ,nebala leyomthetho wayithola ingumthwalo ,idida ingqondo . 

Ngiyazikhumbula ezikhathini ezithile ngikhula ngisho ngithi ,eyy akuve kuyoba mnandi uma sengimdala  kengikhululeke kulamakitango emiyalelo yabazali .Ngangizitshela ukuthi ngamhla ngasuka kubo ,ngiyokhululeka kuyo .Kodwa ngakhula ngasebenza ,ngafica emsebenzini nakhona kunemithetho yakhona ,nasebhizinisini kuneyakhona futhi ,…nasempilweni nakhona kunohide lweyakhona . 

Manje ,yebo nebala kunondlovukayiphikiswa kulomhlaba .Abanye abazali bangondlovukayiphikiswa .Kodwa ngokwemvama imithetho ibekelwe ukusisiza ,ngisho nala khona sizama ukuyirobha . 

Kunesizathu sokuba sonke sishayele ohlangothini olufanayo lomgwaqo lwalapho esiya ngakhona ,angithi ?! Kunesizathu esihle ukuthi simelwe ukulawula ukuziphatha kwethu emihlanganweni yemiphakathi .Okundlelanye futhi noNkulunkulu ebeke imithetho ukuba siphile  ngayo .

Umuntu owabhala Amahubo  119, wawabhala angumthandazo kuNkulunkulu. Futhi uthatha yonke lento yokuqonda  ngemithetho akubeke kwelinye izinga elisha :

Amahubo  119:13-16 Ngomlomo wami ngimemezele  zonke izahlulelo zomlomo wakho.Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho njengemfuyo.Ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho ,ngihloniphe izindlela zakho.

Ngiyakuthokoza ngezimiso zakho ,angiyikukhohlwa yizwi lakho .

Akuyona into enhle yokubuka izinto leyo ? UNkulunkulu usithanda kakhulu ,ngangokuthi imiyalelo yakhe ayikhonela nje ubuhle bethu kodwa ukuba siyithokozele . Ukhonela ukusinika impilo  ngokuchicima kwayo .

Ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho .

Ngiyakuthokoza ngezimiso zakho 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..