... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuzizwa Unecala Nokukhathazeka

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KuThimothewu 1:7 Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza.

Listen to the radio broadcast of

Ukuzizwa Unecala Nokukhathazeka


Download audio file

Umuzwa wecala ngowakwenza kwisemumva lakho kunye nokukhathazeka ukuthi ikusasa likuphatheleni ,yizinto ezimbili ezihambisanayo .Futhi kwabaningi lezizitha zihlale njalo sibhongelana phakathi emiphufumulweni yabo ,zibaphuca ubuhle bempilo uqobo lwalo .  

Uma ukholwa kuJesu ,ngiqonde mina uma uyibekile ezandleni zaKhe impilo yakho,uma uzihlelile ukuphila impilo yakho uyiphilela Yena ,ngakho uma kunjalo kunento eyodwa engangabazeki :zonke izono zakho ,wonke amaphutha akho enzeka mumva le athethelelwe ngokugcwele .Umbuzo osusele ngothi ngakube sewuzithethelele wena luqobo yini?

Kukhona  nenye futhi into  eyodwa engangabazeki . Wonke umzuzu wokuphila kwakho usezandleni zaKhe ;lonke igxathi olithathayo,ulithatha kunye nawe .Awuwedwa nini nanini.Awukhohlakele ebusweni baKhe .Umbuzo uthi ngakube uyiphila impilo yakho ngokokuthi lokhu kuyikho na?  

Ngoba  ngizwe kahle ,asikho isikali somuzwa wecala esingaguqula okwenzeka  ngokunjalo asikho futhi nesokukhathazeka esingaguqula ikusasa .Kuba ngoJesu kuphela okwenza uthethelelwe ngokuphelele .Kukuye kuphela la uthola khona ukuzizwa uphephile uzolile ngekusasa .

Ekukwenzeni lokhu kube ngokuphathekayo kuwe shlobo sami ukushiyele uMoya oNgcwele ukuhlala kuwe ,ukukubusisa ,ukukweza ube ngophile ngokuphelele: 

2 Thimothewu  1:7 Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza.

Uma ukholwa ngeqiniso kuJesu ,unamandla aKhe ,unothando lwaKhe ,futhi unakho konke ukuhlakanipha nokuzithiba okudingayo ukukhululeka  kunoma yimuphi umuzwa wecala  nokukhathazeka okungakwephuca ukuchichima kwempilo akufela qede wavuka ukuze akunike khona .Yiqiniso lelo !  

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.