... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

UMartha NoMariya

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 10:38-42 Kwathi ekuhambeni kwabo wangena emzini othile; owesifazane othile, igama lakhe nguMarta, wamamukela endlini yakhe. Wayenodadewabo othiwa nguMariya, owahlala ngasezinyaweni zeNkosi, walizwa izwi layo. Kepha uMarta ekhathazekile ukusebenza okuningi waya kuye, wathi: “Nkosi, awukhathaleli ukuthi udadewethu ungishiyile, ngisebenze ngedwa, na? Ngakho yisho kuye ukuba angisize.” Kepha iNkosi yamphendula yathi: “Marta, Marta, unakekela, ukhathazeka ngezinto eziningi. Kodwa inye into edingekile; uMariya ukhethile isabelo esihle angayikwaphucwa sona.”

Listen to the radio broadcast of

UMartha NoMariya


Download audio file

Ngivamisa ukuba nezinsuku ezimatasa kakhulu ,ezigcwele umsebenzi omningi engiwenzayo , lokho okwenza kube nzima ukusinquma amakhona isikhathi ,singasayiphathi eyokubhekana nomfutho womuzwa wenhliziyo osuke ungasavumi kahle ukuzipha isikhathi noJesu .Kuwe kunjani?  

Ngiyazi ukuthi akubona bonke abantu abamatasa sikhathi sonke .Nami futhi akuhlali kumatasa zonke izikhathi ,kodwa nalokho kwenziwa ngukuthi ngiyakusopha osukwini nasesontweni ,ukuba nokuphumula. Ngikholwa ngukuthi uyakubamba engikushoyo ,angithi?

Impilo ,umndeni ,umsebenzi ,ukuba sebutaseni bokuzihlela kulomhlaba esiphila kuwo onezinto eziningi ,lomhlaba o-online esiphila kuwo  –ukukhonza uJesu kungakunika ingcindezi enkulu   esikhathini sakho ,lokho okungenza ubudlelwane bugcine sebunzima .Kodwa asingalokothi sizitshele ukuthi lokho kwenzeka  ngoba sesikulesikhathi sesimanje . 

NgokukaLukha 10:38-42Kwathi ekuhambeni kwabo wangena

emzini othile; owesifazane othile, igama lakhe nguMarta, wamamukela endlini yakhe. 

Wayenodadewabo othiwa nguMariya, owahlala ngasezinyaweni zeNkosi, walizwa izwi layo. Kepha uMarta ekhathazekile ukusebenza okuningi waya kuye, wathi: “Nkosi, awukhathaleli ukuthi udadewethu

ungishiyile, ngisebenze ngedwa, na? Ngakho yisho kuye ukuba angisize.”  Kepha iNkosi yamphendula yathi: “Marta, Marta, unakekela, ukhathazeka ngezinto eziningi.  Kodwa inye into edingekile; uMariya ukhethile isabelo esihle angayikwaphucwa sona.”

Kumbe njengokuba u- Charles Spurgeon wake wakubeka kanje: “Kungenzeka kwezinye izikhathi ngikhwishize no- Martha ukwenza lokho uKhrestu akudinga kimi ,kodwa ngicabanga kusemqoka ukuhlala noMariya ezikhathini eziningi ukumukela kuKhrestu engikudinga kuYe  .” 

Ziphe isikhathi ukuhlala noJesu 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.