... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Weza Wazokufuna

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 19:9,10 UJesu wathi kuye: “Namuhla insindiso ifikile kule ndlu, lokhu naye eyindodana ka-Abrahama. Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukufuna nokusindisa okulahlekileyo.”

Listen to the radio broadcast of

Weza Wazokufuna


Download audio file

Uthanda ungathanda ,sonke emqondweni wethu sigcina i-page elihlukaniswe ngokudwetshelwa phakathi nendawo .Olunye uhlangothi olwezikweletu olunye olwemali eyinzuzo –izinto ezimbi esizenzile nezinhle esizenzile .Futhi ekujuleni kwezinhliziyo zethu sazi kahle kamhlophe ukuthi uNkulunkulu unenhlabamxhwele ukulibuka lelikhasi lempilo  . 

Nebala asimelwe ngukucabanga kanjalo .UNkulunkulu unguNkulunkulu wothando ,womusa nesihe nentethelelo .Kodwa khona kunjalo kuba nzima ngokwengqondo yethu ukulinyakazisa lelikhasi lokuphila .Angithi?

Ayibo ,ngingalokotha ngiveze izinto zayizolo uNkulunkulu angafuni kwakukhuluma ngazo ,singasayibali eyokuthi engalokotha  angibusise .Ngizothi ukuqhela  ekuzibukeni okwesikhashana .

Usuku nosuku lokuqhela kulokhu kwanda.Okwenza ukuthi ugcine nakuNkulunkulu ulokhu uqhela ugcine futhi ungasazi ubuyele kanjani eduze kuYe . 

UJesu waziqhatha kakhulu nabaholi bezenkolo besikhathi sakhe ngokuphila eduze nezoni aze angene emizini yazo ,sibala  lapho uZakewu ,abathelisi nabanye  .Kwakungabantu ababi kambi laba ngoba babengamambuka bebophela ogodweni abantu bejwabu lakubo ngenxa yokumbukela kubacindezeli bamaRoma .Kodwa  …

NgokukaLukha  19:9,10 UJesu wathi kuye: “Namuhla insindiso ifikile kule ndlu, lokhu naye eyindodana ka-Abrahama.  Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukufuna nokusindisa okulahlekileyo.”

Lithini iphuzu laKhe ?Wezela abantu ababi kakhulu ,abanjengo Zakewu.Wezela abantu abanjengami  nawe .Wezela ukusithola ,ukusifuna qede asisindise – okuyinto kanye anikela ngokuphila kwaKhe ngenxa yakho .UJesu ke lowo shlobo sami .Futhi akezanga ukusisindisa kuphela kodwa ukusinika impilo entsha kunye namandla okuyiphila .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.