... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Amandla Okholo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMarkhu 5:28-34 Ngokuba wathi: “Uma ngingathinta nje izingubo zakhe, ngizakusindiswa.” Kwanqamuka masinyane umthombo wegazi lakhe, wezwa emzimbeni ukuthi uphulukile enhluphekweni yakhe. Wanele ukuzwa uJesu phakathi kwakhe ukuthi amandla aphumile kuye, waphendukela esixukwini, wathi: “Ngubani othinte izingubo zami na?” Abafundi bakhe bathi kuye: “Uyabona isixuku sikucindezela, usuthi: ‘Ngubani ongithintileyo na?’ ” Waqalaza ukuba ambone owenzile lokho. Khona owesifazane esaba ethuthumela, azi okwenzekile kuye, weza waziphonsa phansi phambi kwakhe, wamtshela iqiniso lonke. Wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ube nokuthula; usuphulukile enhluphekweni yakho.”

Listen to the radio broadcast of

Amandla Okholo


Download audio file

Uma uphila emhlabeni obeka inani elikhulu ekutheni ubukeka kanjani ,izinga lakho lokuphila [status]  kunye nempumelelo,kuvese kube lule ukucabanga ukuthi uNkulunkulu ngeke abe nesikhathi sokunakana nathi ngenxa yokuthi umatasa nalabo abenenani elikhulu kuYe kunathi .

Yebo nebala kulula ukuba nomqondo ongesiwo ngoNkulunkulu ,sicabange ukuthi naye ucabanga njengabantu bonke bakulomhlaba!

Ngakho ake sibuyele kuJesu futhi ,siqhubeke simbuke elandelwa yizixuku ,omunye okulezixuku yilowo wesifazane ,lowo ongahlambulukile ,lowo kanye ongobekwe eceleni ngokwasemphakathini ,lowo kanye esingazange satshelwa ngisho negama lakhe.Kodwa wayezwile ngalo Jesu ophulukisanayo.Manje-ke yini obengalahlekelwa yiwo emva kweminyaka engu 12 yobuhlungu  nokuhlupheka?

NgokukaMarkhu 5:28-34 Ngokuba wathi: “Uma ngingathinta nje izingubo zakhe,

ngizakusindiswa.” Kwanqamuka masinyane umthombo wegazi lakhe, wezwa emzimbeni ukuthi uphulukile enhluphekweni yakhe.

 Wanele ukuzwa uJesu phakathi kwakhe ukuthi amandla aphumile kuye, waphendukela esixukwini, wathi: “Ngubani othinte izingubo zami na?”

 Abafundi bakhe bathi

kuye: “Uyabona isixuku sikucindezela, usuthi: ‘Ngubani ongithintileyo na?’ ”  Waqalaza ukuba ambone owenzile lokho. 

Khona owesifazane esaba ethuthumela, azi okwenzekile kuye, weza waziphonsa phansi phambi kwakhe, wamtshela iqiniso lonke. Wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ube nokuthula; usuphulukile enhluphekweni yakho.”

Kucabange lokhu ukuthi .Ukholo lwakhe lwakwazi ukubamba amandla kaJesu ,kungakhathalekile  izinga abe eyilona ngokwabantu [status].

Ungalokothi uzitshele ukuthi uJesu akanasikhathi sakho ,ukuthi akanakho ukuzikhathaza ngabantu abanjengawe .Into emthintayo imshukumbise akusona istatus  noma isikhundla ,kodwa wukholo onalo phaqa .Ukholo lwakho.

 Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.



We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge