... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Amandla Owadingayo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izenzo 2:38 UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.

Nanini nanini lakhona ngihlele ukuqondisa into ethile ephukile empilweni yami ,phela umuntu unebanga akwazi ukulihamba agcine kulo .Ngiye ngivese ngigcina ngifika lakhona awami amandla ngizwa ukuthi ayaphela ,qede ngibone ukuthi kunokushodayo. 

Ngikholwa sewuke waba naso lesosimo esinjalo .Ngokomqondo womuntu simelwe ukusinqoba lesosono esisodwa esilokhu njalo duku duku nasi seziveze ikhala sisivakashela .Kodwa lowomqondo ocabanga kanjalo awanele ,kunento eshodile . 

Futhi leyonto ,ngamandla .Amandla oqobo.Amazwi akwazi ukubulala isono sethu .Amandla  asenza sikhululeke sihambe empilweni entsha ceke ,okuyikho kanye okuyiphuzu lempela lokufa kukaJesu esiphambanweni  qede avuke  [KwabaseRoma 6:4] 

Sewake wazibuza ukuthi kungani uJesu emva kokuvuka  kwaKhe,waziveza kubafundi baKhe ,qede wanyukela ezulwini ,emva kwalokho wathumela  uMoya oNgcwele ukuba ahlale ekholweni ngalinye ? 

Izenzo  2:38UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele.

Esinye salezozithu esinqala salesisipho ngukuthi uMoya kaNkulunkulu  nguYe osenza sibe ngcwele –sihlanzeke,sibe msulwa ,asehlukanisele eceleni ecebweni laKhe singafani nabezwe ukuze senze intando yaKhe   kulomhlaba .Futhi nguMoya oNgcwele odingwa yimi nawe sihlobo sami usuku nosuku .Uma sithi singakwazi ukunqoba isono ngamandla ethu nomqondo wethu .

U-John Owen kuleyoncwadi yakhe engokucoba uphoxe amandla esono uthi “ uma umuntu angabona kalula ngaphandle kwamehlo akhe ,akhulume enganulilimi ,uma kunjalo nakanjani angakwazi ukunqoba akhathaze amandla isono esisodwa ngaphandle kukaMoya . 

KuKhrestu izono zakho zithethelelwe .NgoMoya waKhe ,amandla aKhe ayathululwa kuwe ukuze uphile enkululekweni entsha oyitholile .Amandla kaMoya Ongcwele .Yisipho sikaNkulunkulu . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..