... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Indlea Efanele Ukuvikela Amalungelo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 8:7,9 Wathi besambuza njalo, walulama, wathi kubo: “Ongenasono phakathi kwenu kaqale amphonse ngetshe.” Waphinda wakhothama, waloba emhlabathini. Bathi ukuzwa lokho, belahlwa yizinhliziyo zabo baphuma ngabanye, beqalela kwabadala kwaze kwaba ngabokugcina, uJesu wasala yedwa; nowesifazane wayemi khona.

Listen to the radio broadcast of

Indlea Efanele Ukuvikela Amalungelo


Download audio file

Ngale kongabazane amaKhrestu kulezinsuku akhashelwa  kakhulu kunakuqala . Kwamanye  ,lokho kuchaza ukudutshulwa nokunqunywa amakhanda . Kwamanye kuchaza ukuncishwa  amalungelo ezenkolo afanele nguhulumeni noma  kusetshenziswe igama elithi “political correctness” ngenhloso yokuthulisa iZwi likaNkulunkulu.

Futhi njengokuba sibonile izolo ,abaholi abaningi abangaMaKhrestu  bagqugquzela abalandeli babo ukumela amalungelo abo .Konke lokhu sikhathi sinye  sithi sikhonza uMsindisi  owayethobekile ,owenqaba ukwehlululwa ,futhi wayiswa ekuhlatshweni kwakhe njengemvu,ukuze afe kulesosiphambano esigcwele igazi ukuze sisindiswe .

UJesu kubukeka sengathi wayengekho kakhulu ekuzivikeleni amalungelo aKhe ,futhi nami nawe ,kunjalo nje futhi .

Kodwa wayesukuvikeleni  kwamalungelo  abanye kakhulu– abafe  uhlangotthi ,abaqoqi bentela  ngisho nabaqwayizi kumbe asithi nalowa wesifazane imbala owayebanjwe oqotsheni ephinga 

 Usayikhumbula indaba yakhe .AbaFarisi bamdonsa  bamletha phambi kukaJesu ukuze bamlinge .Umthetho kaMose wawuthe kumele akhandwe ngamatshe aze afe .AbaseRoma babekuphika lokho .Ngakho labaholi babezitshela bazombamba uJesu ngomgoga ozomgaxelisa macala onke . Kodwa  …

NgokukaJohane  8:7,9 Wathi besambuza njalo, walulama, wathi kubo: “Ongenasono phakathi

kwenu kaqale amphonse ngetshe.”  Waphinda wakhothama, waloba emhlabathini. Bathi ukuzwa

lokho, belahlwa yizinhliziyo zabo baphuma ngabanye, beqalela kwabadala kwaze kwaba ngabokugcina,

uJesu wasala yedwa; nowesifazane wayemi khona.

Ake ukucabange lokho .UJesu wazifaka phakathi esixukwini esasithukuthele sigane unwabu  sifuthwe ngabaholi  bezenkolo abagcwele ukukhohlakala futhi ephakathi kwabo kunye nalo wesifazane  ukuze amele amalungelo akhe. 

Uma kukhona esizommela ,asimele amalungelo abanye abantu – abacindezelwe ,abayizoni,labo abangeke bakwazi ukuzivikela ,njengokuba uJesu wamela wavikela  abafana nami nawe . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..