... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Indoda Engum-Dutch Enongabazane

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

EkaJuda 1:22,23 Abanye, abangabazayo, nibahawukele, nibasindise ngokubahlwitha emlilweni

Listen to the radio broadcast of

Indoda Engum-Dutch Enongabazane


Download audio file

UJesu ugcizelela kakhulu ubumqoko bokholo – kumbe sikhulume ngqo sithi  ukholo lwethu kuYe ,ithemba lethu kuYe ,ngokukhethekile ezikhathini lakhona kunzima kithi ukukwenza lokho . 

Kuyinkinga impela lokho angithi ? Ufuna ukukholwa ukuthi uJesu aziveze  ngezikhathi omdinga ngazo ,kodwa kukulezokhathi kanye izinto zibukeka zingenakwenzeka  lakhona ukholo lwakho olukukhohlisayo .

Ungakhathazeki awuwedwa kulokho .Indoda endodana yayo  yayikhwelwe yi demoni ,ingakwazi ukukhuluma ,ihlale ihlushwa ngukubanjwa yisifo sokuwa ,yamletha kubafundi bakaJesu .

Kodwa behluleka ukukhipha idemoni kuyo .Okwathi uma uJesu efika akazange akujabulele ukubona lokho kwehluleka kwabo  : 

NgokuMarkhu  9:19 Waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni kimi.”……

Yini le eyayenza engajabuli ? Ukungabi nalukholo .Manje ake nawe uzifake ezicathulwini zalobaba .Uba nokuzethemba okunjani kolwakho ukholo manje ,emva kokuzwa lokho kuthethiswa kwabafundi? Ngakho lendoda yathi kuJesu :

NgokuMarkhu 9:22-24 

Uyiphonsile kaningi emlilweni nasemanzini ukuba ayibhubhise; kodwa uma unamandla okwenza utho, sihawukele, usisize.” UJesu

wayesethi kuye: “Uma unamandla! Konke kungenzeka kokholwayo.” Uyise womntwana wayesememeza masinyane, wathi: “Ngiyakholwa, siza ukungakholwa kwami.”

Kwakunegebe elikhulu phakathi kokwazi ukuthi yikuphi uJesu ayengakwenza , nalokho lendoda eyayikholwa yona ukuthi yikuphi angakwenza .Lobaba wayeklebhukile ngaphakathi – wayefuna ukukholwa ,kodwa kwakunento ngaphakathi kuye eyayimenza angabaze .Okwathi ngenxa yokuxinwa yisidingo kakhulu ,wezwakala eqhuma ngokumemeza  : “Ngiyakholwa, siza ukungakholwa kwami.”. Ngokokubukeka kwezinto ekuqhubekeni kwakhombisa ukuthi ,lokho nje kwabe kwenele ,uJesu wayizwa lendoda qede wakhipha idemoni endodaneni yayo  ,yahamba ingokhululekile .

Ukholo lwethu akuchazi ukuthi sekomele lube – perfect. Okwakho nje luvume ungabazane lwakho kuJesu .Lokho kwenele kuYe .

Futhi yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..