... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukholo Olubambisene Olungenakunqanyulwa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokuMathewu 14:30,31 Kepha ebona umoya wesaba; eseqala ukushona wakhala wathi: “Nkosi, ngisindise!” Masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Awu, wena onokukholwa okuncinyane, ungabazeleni na?”

Listen to the radio broadcast of

Ukholo Olubambisene Olungenakunqanyulwa


Download audio file

Umqondo wokuthatha igxathi lokho ,yebo ,kubukeka kuligxathi elihle lelo ,angithi?  Kuze kube ngukuthi sesikuthe sibe isivunguvungu sakufaka efwini laso .Kuze kube ngukuthi ulwandle luyagubha ,nakhuya nesikebhe sakho esincu sesiphenduke i-yoyoo .Lingakhona igxathu lokholo lapho ? Babo kushube kunjalo ,ngabe udlala ngami! 

Amathuba maningi okuthi uyayazi indaba yabafundi emkhunini /eskebheni ,besemanzini anesivunguvungu ,besaba ukuthi bazominza .Ekuseni kusantwela enzansi uJesu uza kubo  ehamba– mawuthanda sibeke kanjalo  !  ehamba phezu kwamanzi . 

UPhethru umphonsela inselelo uJesu  – Nkosi uma kungukuwe ,yisho ukuba ngize kuwe phezu kwamanzi– UJesu nebala  enze njalo futhi uPhethru wathatha igxathu lokholo elikhulu kunawo onke ongawathola  eBhayibhelini ,ephuma kulesosikebha esabe sintenga ,khona phakathi nesivunguvungu ,ukuhamba phezu kwamanzi noJesu .Lokhu kuyisimangaliso esikhulu impela uma sekuziwa kumagxathi okholo olunamandla ,amen ! 

NgokukaMathewu  14:30,31 Kepha ebona umoya wesaba; eseqala ukushona wakhala wathi: “Nkosi, ngisindise!” 

Masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Awu, wena onokukholwa okuncinyane, ungabazeleni na?”

Waze wahlaba lombuzo ,kodwa muhle futhi ! ungabazeleni na?”

Ngamanye amazwi , Ngiyazi kunamaza avunguzayo njengamanje ,futhi ngiyazi ukuthi wenza into enganakwenzeka mhlawumbe kwabanye ,ukuhamba phezu kwamanzi ,kodwa unalo ulwazi ukuthi ngubani lo ohamba naye ?! 

Hle hle  yilokho kanye uJesu ayekusho. Futhi yebo ngokushesha wambamba uPhethru ,wamsindisa ,qede wathulisa isivunguvungu.

Uma mina nawe sibeka ukholo lwethu olungekho perfect ,silubeka kuJesu ,sithola ukuthi kungukubambisana okungakholakali  futhi okungenakunqamuleka ,kungakhathalekile ukuthi kuncane kanganani . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..