... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Inkolo noJesu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMarkhu 5:22,23 Kwase kufika omunye wabaphathi besinagoge, nguJayiru igama lakhe, owathi ukuba ambone, waziphonsa phansi ngasezinyaweni zakhe, wamncenga kakhulu, wathi: “Indodakazi yami isiyalela; ake uze, ubeke izandla phezu kwayo ukuba isindiswe, iphile.”

Listen to the radio broadcast of

Inkolo noJesu


Download audio file

Sewake wanomuzwa  ,ohambweni lwakho lokholo –okomuzwa okusangathi uzidlalela injikela nje engayi ndawo ? Kube sengathi kunento eshodayo? Uzwe sengathi ,ngeke kukhona okunye okushodayo okungale kokulandela uJesu  ….ngoba lokhu ? !

Enye yezinto abantu abaye bayisho kimi uma bethola  lokhu engikwenzayo baye bathi –“ngingumuntu wezenkolo” .Kodwa lokho kuye kungehli kahle kimina.

Ngolunye usuku uJesu wayelendelwa yisixuku esikhulu .Ukuduma kwakhe kokuphulukisa abantu nokushumayela ngamandla  kwase kusabalele nezwe lonke …okungakho ngicabanga  kwenza walandelwa zihlwele.

NgokukaMarkhu 5:22,23 Kwase kufika omunye wabaphathi besinagoge, nguJayiru igama lakhe, owathi ukuba ambone, waziphonsa phansi ngasezinyaweni zakhe,  wamncenga kakhulu, wathi: “Indodakazi yami isiyalela; ake uze, ubeke izandla phezu kwayo ukuba isindiswe, iphile.”

Manje ngifuna uqaphele kunye name into ethile la.UJariyu wabe eyindoda edumile ehloniphekile.Wabe engumholi we-Snagogi lasendaweni ,umuntu wezenkolo.

Kodwa nokho ,wazithoba phambi kwezixuku ngokuthi eguqele uJesu ezinyaweni ukumncenga.Kungani? Ngoba nakuba wayeqeqeshekile ngokweqophelo eliphezulu kwezenkolo ,ewuqweqwe lwesifundiswa ,kodwa wayengenawo amandla okuphulukisa indodakazi yakhe .UJesu kuphela owayenawo.

Yiwona mehluko phakathi kwenkolo noJesu .Kwabaningi inkolo iyinqubo yemithetho e-empty ,iyindlela yokuphila okuthi uma uyilandela uthole ukuthi ngokwempilo yomuntu ayimguquli ngalutho .

Bese kuthi uJesu ngakolunye uhlangothi ,ukulungele ukukhulula amandla aKhe okuguqula impilo kuwe,ukuze akunike amandla okuba yikho konke lokhu akudalela ukuba ube yikhona.Ngoba sihlobo sami ungangabazi ngalokhu ,unohlelo lokukhazimulisa ukukhanya kwaKhe kulomhlaba omnyama ,konke lokho akwenze ngawe.

UJesu ,ungamandla oguquko lwempilo ,ungamandla okuletha uguquko lwempilo .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..



We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge