... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Into Ehlaba Umxhwele

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 17:17 Bangcwelise ngeqiniso, izwi lakho liyiqiniso.

Listen to the radio broadcast of

Into Ehlaba Umxhwele


Download audio file

Uma uJesu ekhuluma ,mina nawe siyakwazi ukubamba igama negama alishoyo ,ngoba agcwele ukuphila namandla .Namhlanje kunamagama aKhe ambalwa anjalo kanye engithanda ukukucobelela wona . 

Angazi ukuphi noJesu namhlanje .Mhlawumbe uyakholwa ukuthi uyiNdodana  kaNkulunkulu eyafa ukuhlawulela izono zakho ,mhlawumbe awukukholwa sanhlobo lokho .Kumbe wake wakholwa ,kodwa manje sewuziqhubekela ngempilo noma ikanjani.Kumbe uzibala njengomunye wabafundi  bakaJesu ngenhliziyo yakhe enqumile ithe njo ekumkhonzeni . 

Angazi ,kodwa wena uyazi futhi unesiqiniseko ukuthi uJesu uyazi .Kumbe asithi ukhona omunye owazi kahle la ukhona njengamanje –uSathane uqobolwakhe lowo onhloso yakhe  ngukuqhubeka ekulutha akuvale amehlo ungamboni uJesu  akwenze ngenkulu inkohliso le ,lokho engakwenzi ngamanga acacile ukuthi hhayi uhubhu kabhejane lo kusengwa ezimithiyo uqobo kodwa eze ngamaqhinga obuqili ongeke uwabone kalula exuba iqiniso namanga sikhathi sinye .Phela angithi nje awuyena umuntu omubi ,uphila impilo enhle .Asikho isidingo sokulokhu uziqhumisa ikhanda ngayo yonke lenganekwane kaJesu okwamanje ,wena uyasibona yini lesosidingo?  Wena ,ziqhubekele nje nempilo ngokujwayelekile ,uzoba right ,alukho olonakele . 

UJesu emkhulekweni waKhe wokugcina andukuba abethelwe , wakuhlosa ukukhulekela abanjengami nawe  :

NgokukaJohane  17:17 Bangcwelise ngeqiniso, izwi lakho liyiqiniso.

Iqiniso ,iqiniso lonke futhi hhayi okunye kodwa iqiniso qha.Ukufundisa kukaNkulunkulu ,iZwi laKhe .Futhi iqiniso yileli lokuthi iZwi laKhe limelwe ngukusiguqula .IZwi laKhe limelwe ukubeka izimpilo zethu kwi-level ehlukile .IZwi laKhe limelwe ukusilungisela ,hhayi ukuphila okujwayelekile nje ,kodwa ukwenza inkonzo egameni laKhe .Yilona qiniso lelo .  

Shlobo uJesu akazange akufele kuphele kodwa wavuka ukuze akunike impilo enamandla ,eguquliwe ngokunamandla ,egcwele uthando nomusa .

Futhi yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.