... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Izinsuku Zika-mina

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KuThimothewu 3:1-4 Kepha yazi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; ngokuba abantu bazakuba ngabazithandayo, nabathandimali, nabazigabisayo, nabazidlayo, nabahlambalazayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabahlazisayo, nabangenaluthando, nabahlebi,nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle, nabakhapheli, nabanamawala, nabakhukhumele, nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu,

Listen to the radio broadcast of

Izinsuku Zika-mina


Download audio file

Ukuziphatha kwabantu kulezinsuku kubukeka kuya ngokuya kudlanga.Egameni lelungelo ‘lami’ ,ohulumeni abaningi emhlabani bagunyaza ukuhushulwa kwezisu esikhathini kusuka ingane imumethwe esbelethweni kuze kube isizozalwa.Kuyikho ngempela lokho? Kubukeka sengathi ifu lobumnyama ligqungqe lamnyama kakhulu lisibekele kwasani.

Ake ume nje ucabange ngalokho.Ukucucuza izicucu umzimba wengane ephilayo, ezinkundleni zezinkantalo  eziningi  kubukwa njengokusemthethweni ,ngenxa nje yokuthi ingane isesebelethweni sikaMama.Njengokuba ukubona kwenzeka ezweni lakithi ,nakwamanye okungakaqali kuwo kuyanyelela nakhona .

Futhi ukuhushulwa kwezisu akusikho  kuphela .Kunobubi obunye obuningi osebuphenduke banjengempilo eyejwayelekile  oze ungakukholwa ukuthi kuyenzeka ngempela .Kungani uNkulunkulu evumela lezizinto ukuba zenzeke? Yebo  ,yingoba okokuqala kuYe akuyona i-surprise :  

2 Thimothewu 3:1-4 Kepha yazi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; ngokuba abantu

bazakuba ngabazithandayo, nabathandimali, nabazigabisayo, nabazidlayo, nabahlambalazayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabahlazisayo, nabangenaluthando, nabahlebi,nabangazithibi,

nabangenabumnene, nabangathandi okuhle,  nabakhapheli, nabanamawala, nabakhukhumele, nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu,

Kungani lezizinto zenzeka? Yingoba ngezindlela eziningi [futhi wuhla nje oluncane olubhalwe lapha] sesiphenduke abazithanda bona esikhundleni sokuthanda uNkulunkulu .Siphila esikhathini sikaMina  nomoya wokuziphatha ophakemeyo wokuzicabangela wena kuphela  okuyiwo oyisizathu salomdushulo wokufuqwa kwalobubi .

Yebo ,manje okucaca ukuthi mina nawe ngeke sikwazi ukuguqula lomhlaba wonkana.Thina ,ngokwethu ngeke sikwazi ukumisa ukuhushulwa kwezisu kumbe ukudayiswa kwabantu benziwe  izigqila  kumbe nanoma yiziphi izinhlupheko ezibuhlungu ezenzekayo kulesikhathi esikuso .Kodwa singaqinisekisa ukuthi asiyona ingxenye yakho.Singaqinisekisa ukuthi asibona labo  bantu abayimbangela yokuletha ukunsonsotha nokucwila kwezinhliziyo kulesikhathi. 

Ngokwenzenjani? Ngokuba ngabathandi bakaNkulunkulu singabi ngabazithanda bona .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..