... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Izimpisi Ezigqoke Isikhumba Semvu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KuThimothewu 3:1-5 Kepha yazi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; ngokuba abantu bazakuba ngabazithandayo, nabathandimali, nabazigabisayo, nabazidlayo, nabahlambalazayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabahlazisayo, nabangenaluthando, nabahlebi,nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle, nabakhapheli, nabanamawala, nabakhukhumele, nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu, nabanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla akho bewaphika; labo-ke wobagwema.

Listen to the radio broadcast of

Izimpisi Ezigqoke Isikhumba Semvu


Download audio file

Uyayazi into engiyaye ngiyithole yesabisa ,isabisa lokhu kwangempela? Ngabantu abazibiza ngaMaKhrestu,abazishaya sengathi banagaMaKhrestu  ngaphandle  kodwa ngaphakathi uthole ukuthi  bonakele lokhu okuphucukayo .Manje lokho kuyesabisa kakhulu.

Akwenzeki kudlule isonto lungekho udaba olunyantisayo ezindabeni , olushaya ibandla ngokwenzeka kulo ,kungaba ngukuhlukunyezwa kwezingane ,ukungaphathi kahle ezezimali kumbe lawomahuzu amagagu abashumayeli abakukhuthuza kuze kubhoboke iphakethe ,ude udisha konke onakho ,baze babe zinkinsela zokuzenza ezingajulukanga ,benza umsebenzi wokuba yizinkabi besebenzisa ibhayibheli ,besho behubhuza  akuhlaza amanga athe bhoh ngezethembiso ezingumhwamuko wokuphulukiswa ezifweni nempumelelo abathi ithengwa kubo. Izolo sibuke uhla  olude lobubi   obukulomhlaba esikuwo. Namhlanje sizobuka ngenye indlela ,kodwa qaphela ijika elisekugcineni kulendaba njengokuba sesengeza  iverse  elilandelayo kwelayizolo:

2 KuThimothewu  3:1-5 Kepha yazi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; ngokuba abantu

bazakuba ngabazithandayo, nabathandimali, nabazigabisayo, nabazidlayo, nabahlambalazayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabahlazisayo, nabangenaluthando, nabahlebi,nabangazithibi,

nabangenabumnene, nabangathandi okuhle,  nabakhapheli, nabanamawala, nabakhukhumele, nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu, 

nabanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla akho bewaphika; labo-ke wobagwema.

Wuhla lolu lobubi bonke esibubonayo obusizungezile zonke izinsuku .Kodwa ulibonile lelikhona elisekugcineni ? UPhawuli ubhalela uThimothewu umholi amkhulisayo obheke ibandla ,umyala ngabantu abangaphakathi ebandleni .Bayizimpisi ezigqoke isikhumba semvu ,ababukeka bengcwele kunawe uma ubabuka ngaphandle ,kodwa ngaphakathi babole bayathaphuka ,wena ongafunga ukuthi lelo ngaphakathi ngeke uNkulunkulu alibone.Yizwa mina ,usevese ekade  ebabona . 

Nazi izinto ezimbili .Uma impilo yakho inenani elikhulu mawuyibuka ,ungalokothi ube yingxenye yalabobazenzisi  okungabo ulaka lukaNkulunkulu luyakwehla.Futhi uma uficana  nabo [ngoba phela la ekuphileni kuyahlangwana ezindleleni]  qinisekisa ukuthi ayikho into ekuhlanganisa nabo.

Angiphinde ,yiba ngumthandi kaNkulunkulu ,hhayi ozithanda yena. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..