... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Siyoke Sifunde Kodwa?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KuThimothewu 3:6,7 Ngokuba kulabo kuvela abanyonyobela ezindlini bethumba abesifazane abasindwa yizono, beqhutshwa yizinkanuko eziyizinhlobonhlobo, befunda njalo, kepha bengeke bakwazi ukufika ekulazini iqiniso.

Listen to the radio broadcast of

Siyoke Sifunde Kodwa?


Download audio file

Angimi ukumangazwa wukungami kwami ukuhlala ngine tendency yokuba wuqwembe oluqinile ezintweni zokomoya ukungasheshi ngibone amandla enhlakanipho kaNkulunkulu aguqulanayo ngoMoya waKhe kunye neZwi laKhe .Lokho kungabukeka kungajwayeleki ukushiwo ngumuntu ongumshumayeli kodwa kuliqiniso . 

Enye yezinto oziqaphelayo ngomphsotoli uPhawuli ,ngukuthi ngasikhathi sinye eqaphela ukuthembeka kukaNkulunkulu  phakathi nezivivinyo ezinzima zomsebenzi weNkosi ,kwakusikhathi sinye futhi ayekwazi ukuzibona unjani ,kwakumnika ithuba lokuzibuka esibukweni  abone la ahluleka khona ngakolunye uhlangothi nokuthi wayengubani kuKhrestu . 

Siphila emhlabeni lakhona isikhathi sokuzazi awukho muhle kuphi ,kuyinto engasabhekwa ngumuntu ngamunye ,sekuvese kwenziwe noma yini kungakhathalekile ukuthi imiphumela izothini .

Okubuhlungu nokho ukusho ukuthi lento ingenelela ngisho nasebandleni likaNkulunkulu kubantwana baKhe .Uma ebhala ngalabobantu kanye ,uPhawuli uthi : 

2 KuThimothewu  3:6,7 Ngokuba kulabo kuvela abanyonyobela ezindlini

bethumba abesifazane abasindwa yizono, beqhutshwa yizinkanuko eziyizinhlobonhlobo, befunda njalo, kepha bengeke bakwazi ukufika ekulazini iqiniso.

Kulula kanjani kithi ukucula amaculo elandelana  ,sihube amahubo amakhulu  namakhorasi  kodwa khona kunjalo siqhubeke sicwile ezonweni zethu ? Kuze kube ngokwezinga lokuthi – abasindwa yizono, beqhutshwa yizinkanuko eziyizinhlobonhlobo, befunda njalo, kepha bengeke bakwazi ukufika ekulazini iqiniso.

Kithi ngabanye ,imvelo yethu yesono ifuna ukumelana namandla oguquko olulethwa nguNkulunkulu ngoMoya waKhe nangeZwi laKhe .Yingakho izinto zingangeni kahle .Yingakho kwesinye isikhathi sibonakala sindikindiki kwezikamoya .

Futhi indlela eyodwa ukuguqula lokho wukuvula izinhliziyo zethu sivulele uMoya neZwi – bese sinika uNkulunkulu amandla aphelele ukubusa  nokwenza umsebenzi onamandla wenkululeko kithina .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..