... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Kungani Ukudayiswa Kubuhlungu Kangaka

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favourites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 26:14-16 Then one of the twelve, who was called Judas Iscariot, went to the chief priests and said, “What will you give me if I betray Jesus to you?” They paid him thirty pieces of silver. And from that moment he began to look for an opportunity to betray him. (NRSV)

Listen to the radio broadcast of

Kungani Ukudayiswa Kubuhlungu Kangaka


Download audio file

Wagcina nini ukudayiswa ngumuntu? Umuntu noma abantu owawubathemba ,ubaphathise okwenhlamvu yeso lakho ,wawubanika isibusiso.Ebese ngokungazelele ,lwavese lwalodwa nje usuku abakuphendukela ngalo  qede bakushaya esiphundu . 

Sonke sesike saba kulesosimo .Sonke siyazi ukuthi zincane  izinto ezilimaza kakhulu ezingaba ngaphezu kokudayiswa ngumuntu ngoba okusuke kwenza kunsonsothe yingoba ukukhashelwa kuqhamuka kumngani ,ngoba kuye kungaqhamuki ezitheni zakho .

Lakhona umuntu oyisitha sakho ekuhlasela ,noma kungayiphi indlela ,lokho kusuke kuvele kuyinto ongayilindela .Phela  ekugcineni ,yilokho kanye izitha ezikwenzayo .Yebo kungenza impilo ibe nzima futhi ibe nobuhlungu ,yebo nebala kungafaka ngisho ukwesaba enhliziyweni yakho ,kodwa noma kunjalo ,yinto vele obuyilindele esitheni leyo .Ngakho uma siqondisa ukukhuluma kulesosiga usuke ungadayisiwe ungakhashelwe futhi .

Lutho sanhlobo ,ukudayiswa kuza ngomuntu ebesimethembile simfake ephaketheni simuzwa kwichopho lenhliziyo yethu  ,umngani noma oyisithandwa kithi .Esibathembile kodwa okuthe  ngokuphazima kweso basijikela: 

NgokukaMathewu  26:14-16 Khona kwasuka omunye wabayishumi nambili othiwa uJuda Iskariyothe, waya kubapristi abakhulu,  wathi:

 “Niyakunginikani, ngimkhaphele kini, na?” Base bemnika izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu. Kusukela lapho wafuna ithuba lokumkhaphela.

Izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu .Yebo kwabe kuyimali enkulu kakhulu ngalesosikhathi ,kodwa ngakube yabe inkulu ngokwenani leNdodana kaNkulunkulu ? UJudas wabe engomunye wabayishumi nambili ,kwakungamele akhaphele adayise uJesu ! Lokho kubi umakwenziwa ngomunye wezethenjwa zakho ezikuzungezile .Yingakho kunsonsotha kakhulu .

Ngakho esikhathini esizayo uma ubhekene nokudayiswa ngomethembayo ,sondela kuJesu.Useke waba kulesosimo.Uyiqonda kakhulu leyondaba.Futhi nokho simbona ephendula  ngothando kulokhu kudayiswa okubi kangaka .

Ngakho esikhathini esizayo uma ubhekene nokudayiswa ngomethembayo ,sondela kuJesu.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..