... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Making Mistakes

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 37:23,24 Izinyathelo zomuntu ziqiniswa nguJehova ;uyayithanda indlela yakhe . Noma ekhubeka akayikuwa phansi ,ngokuba uJehova uphasa isandla sakhe .

Listen to the radio broadcast of

Making Mistakes


Download audio file

Kungenye yezinto eziletha ukucikeka empilweni ukuthi uma usuthi uphokophele ukwenza into okuyiyona ,imvamisa uvese ugcine ungafinyelelanga ekuyenzeni .Mhlampe kungenzeka kuba  yimi ngedwa ? Cha ,angicabangi kanjalo .Siqala sinenhloso enhle yokwenza leyonto kodwa siphethe sehluleka . 

Ungakubiza noma ngaliphi igama –ukwehluleka,ukukhubeka uwe,isono .Igama ongalinika khona alisho lutho kakhulu ngaphezu komphumela wokugcina kuyikho .Mina nginenhliziyo yokulandela uJesu .Intshisekelo yoqobo .Ngithemba futhi kungumkhuleko wami ukuthi nakuwe kunjalo .

Futhi uma sibona ngalokho akwenza ngokufa  kulesosiphambano ukukhokha inani elabe lifunwa ngubulungiswa bukaNkulunkulu ngezono zethu ,leyontshisekelo yokumhlonipha ,ukumlandela nokumkhonza nokumsebenzela ,yebo ukumlalela kuyenza ikhule lentshisekelo . 

Futhi sikwazi kahle ngokucacile ezibhalweni ukuthi uNkulunkulu yilokho kanye afuna ukukubona kithi .Manje pho senze njani ? Senze njani uma sikhubeka ? Senze njani uma sihluleka ?  

Amahubo  37:23,24 Izinyathelo zomuntu ziqiniswa nguJehova ;uyayithanda indlela yakhe .

Noma ekhubeka akayikuwa phansi ,ngokuba uJehova uphasa isandla sakhe

INkosi nebala iyasikhombisa ukuthi siphile kanjani .Nebala uyathokoza uma esibona siphila  ngaleyondlela .Kodwa manje ake sibuke lengxenye:

Noma ekhubeka akayikuwa phansi ,ngokuba uJehova uphasa isandla sakhe.

Ulapha ,useduze kwethu ,ukulungele ukusiphasa uma sikhubeka ,ukuze singawi .Lokho kumelwe ngukuba yizindaba ezinhle ,akuzona ? 

Kubukeka sengathi kimi iphutha elikwenza uthobeke ,lelokanye elikwenza uncike emseni kaNkulunkulu ,lingcono kakhulu kune –achievement  ekwenza uphakame .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.