... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Izethembiso Eziqoshwe Igama LaKhe

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 138:2 Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele, ngibonge igama lakho ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho, ngokuba phezu kwakho konke uphakamisile igama lakho nezwi lakho.

Listen to the radio broadcast of

Izethembiso Eziqoshwe Igama LaKhe


Download audio file

Ngakho nanku umbuzo  kuwe namhlanje : ungazethemba ngempela izethembiso zikaNkulunkulu ? Ngempela ngempela ? Uma ubuka zonke izinto impilo eziphonsa kuwe ,ngakube izethembiso zikaNkulunkulu zimi ziliqiniso 

Bheka ,ngoba kunzima ukuma ezithembisweni zikaNkulunkulu uma usabhekene nezikhisi empilweni,akunzima? Uma izimo zakho ,abantu ,nempilo jikelele kubukeka konke kumelene nawe ,kuba nzima ukwazi ekujuleni kwenhliziyo yakho izethembiso zakhe  ziliqiniso ;ukwazi ukuthi uzoba nawe uzokuthwala futhi isiphetho sizoba sihle . 

Esinye sezizathu ngiwathanda aMahubo yingoba  iningi lawo labhalwa yinkosi yakwa- Israel, ngesikhathi ibuka emumva ezingqinambeni yempilo yayo ngisho emathubeni okufa kodwa ibuka ineso elibuka kusasa;ngesikhathi isajula ngokubuka indlela uNkulunkulu adlala iqhaza lakhe kulezozimo .Ngakho nakhu la khona uDavide ebuka kafuphi :

Amahubo  138:2Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele, ngibonge igama lakho ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho, ngokuba phezu kwakho konke uphakamisile igama lakho nezwi lakho.

Ngoba uNkulunkulu unguNkulunkulu ,Igama lakhe liyikho konke ;isidima sakhe siyikho konke .Uma uNkulunkulu ebeka igama lakhe entweni ,lokho kuchaza empeleni ….konke !  Ngakho nxashana uDavide egcwele ukubonga ngokuningi uNkulunkulu angenelela  kukho empilweni yakhe ,ukuqonda kahle okwabe kuqhubeka kulesosimo . 

UNkulunkulu wayefeza izinhloso zaKhe ;uNkulunkulu ,ngokusindisa inkosi ayigcobile ukuhola abantu baKhe abakhethiweyo u-Israel ,kahle hle wayeveza ukuba igama lakhe liphakanyiswe ezizweni . 

Singazi kanjani ukuthi izethembiso zikaNkulunkulu ziliqiniso ? Ngoba zibhalwe ngegama lakhe nezwi lakhe . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.