... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ndodana ,akukho ukushaya ngezinqamulelayo ,ukhekheleze

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Daniyeli 6:1-3 Kwaba kuhle kuDariyu ukubeka phezu kombuso izikhulu ezingu 120 ebeziyakuba sembusweni wonke .Phezu kwazo wamisa abongameli abathathu ,uDaniyeli engomunye wabo,ukuba izikhulu zibike kubo,ukuze inkosi ingalimali ngalutho.Khona uDaniyeli lo wabadlula abongameli nezikhulu,ngokuba umoya ophakemeyo wawukuye ,inkosi yayicabanga ukummisa phezu kombuso wonke.

Listen to the radio broadcast of

Ndodana ,akukho ukushaya ngezinqamulelayo ,ukhekheleze


Download audio file

Ukwenza ngokucokemeyo [excellence]  … kuvese kuthi njengoba lomhlaba uqhubeka unezinto eziningi oziletha zibukeka zehlukile ngayinye kodwa ezigcina sezijwayelekile ,nathi sigcina i-excellence sesiyibuka njengento engatheni , ebese sivese nathi senze njengezwe ,sishaye ngezinqamulelayo esikhundleni sokwenza izinto ngomoya ophakeme we excellence .

Ngesikhathi ngiseyingane ,usuku lwangoMgqibelo kwakumele ngiqinisekise ngiwasha ngi-cleaner yonke into engiyisebenzisayo kwazise phela angiyile eskoleni  – nezingubo kwakumele ngizi-folde kahle ngizi –packe ngendlela kube neat nasendlini .Okwakuthi mase ngiqedile bese umame eza ngemumva ede ebuka ngenze ngendlela yini .

Mangizosho ngokwethembeka ,ngangihlale ngifuna ukushaya ngezinqamulelayo ,ngithi 1 2 1 2 sengidlule njalo ,nango mina sengifuna ukuyozidlalela  emnyango.

Kodwa uma eke wathi uyabheka ,wathola ukuthi ngi-robhile wayengiqalisa phansi .Ngangiyizonda leyonto yokuphindiswa .Kwakungani konke lokhu ?

Manje ,emva kweminyaka ngikhula sengiqalile ukukubamba ukuthi kwakungani.Wayengifundisa i-excellence –ukwenza izinto ngezinga elicokeme kakhulu.Ngisho  namanje ebudaleni bami ngiyaqhubeka ngilizwa iphimbo lakhe lithi : “Ndodana ,akukho ukushaya ngezinqamulelayo ,ukhekheleze” .

Kuyishwa kubuhlungu ukuthi kulezinsuku ,ukuthi abantu abaningi futhi abantu bakaNkulunkulu – bathatha bashaya ngezinqamulelayo o-shortcut ngazo zonke izindlela.Kodwa manje kwake kwanendoda yodumo ngokuba semphandwini wezingonyama ,igama layo ngu Daniyeli.Izibhalo ezibeka ngenkosi yakhe kanje ….

Daniyeli 6:1-3 Kwaba kuhle kuDariyu ukubeka phezu kombuso izikhulu ezingu 120 ebeziyakuba sembusweni wonke .Phezu kwazo wamisa abongameli abathathu ,uDaniyeli engomunye wabo,ukuba izikhulu zibike kubo,ukuze inkosi ingalimali ngalutho.Khona uDaniyeli lo wabadlula abongameli nezikhulu,ngokuba umoya ophakemeyo wawukuye.

Umusa kaNkulunkulu awusikho ukuzilandulela ,uthathe o-shortcut egameni lawo .Ukuba nguMKhrestu akusikho ukuzithethelela ukwenza umsebenzi ngokungekho eqophelweni eliphezulu.Ukwenza into ngezinga elicokeme kakhulu kuluqobo lukaNkululunkulu lokho,loNkulunkulu kanye mina nawe esenziwe ngomfanekiso waKhe .

Futhi khumbula lokhu  “Ndodana ,akukho ukushaya ngezinqamulelayo ,ukhekheleze” .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..