... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

UJesu Ongehli Kahle

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 25:41 “Khona(INkosi) iyakuthi kwabangakwesokhohlo: ‘Dedani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.

Listen to the radio broadcast of

UJesu Ongehli Kahle


Download audio file

Okunye kokugxekwa okukhulu kwamakholwa kulezinsuku ngukuthi ayahlulelana. Emhlabeni onguvuma zonke ,lababantu abamemezela ukuthi bakholwa wuthando lukaNkulunkulu ,pho kwenzeka kanjani babe ngabahlulelanayo na ?

Enye yezinganekwane ede izungeza emhlabeni engamampunge ngeyokuthi uJesu wakhuluma kuphela izinto ezigcwele uthando lodwa . Akazange agxeke bantu njengoba ‘lamaKhrestu’ enza wona .

Ngokwengxenye lokho kushiwo ngokungazi.Kodwa ngenye yezindlela yokuzivikela eqinisweni levangeli komqondo wesimanje ovuleke ukuvumela konke  ,izindaba ezinhle zikaJesu ,yebo nebala ezibandakanya umusa kaNkulunkulu, kodwa futhi akupheli lapho ,kukhona nokuguquka ,ukuphenduka ukushiye lokho okubi obukwenza . 

Bekungayiyiphi indlela engcono yokuzivikela kulokho ngale kokuthi , uthi uJesu wathanda wonke umuntu wamukela wonke umuntu,ngaphandle kwesidingo sokuba baguqule izimpilo zabo baziguqulele kuYe ? 

Bese kuyisikhathi sokuzihlola .Awuvese ungene qiniso kusenje :

NgokukaMathewu 25:41“Khona(INkosi)  iyakuthi kwabangakwesokhohlo: ‘Dedani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.

Lapha nguJesu ekhuluma ngomfanekiso ongosuku lokwahlulela oluzayo kithi  ngamunye . Kahle hle uJesu wakhuluma kakhulu ngosuku lokwahlulela oluzayo nesijeziso salabo abangamlaleli uNkulunkulu nalokho okuyobehlela ngamhla selufikile .

Akuzwakali kuyizindaba ezinhle sanhlobo ,kuze kube  ngukuthi usuyaqonda ukuthi wakufela ,ukuze uthethelelwe izono zakho . Ungakhohliseki .USuku luyeza .  Izindaba ezinhle ngukuthi uJesu weza ukukusindisa .

Yilona nebala  iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..