... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukhula Lwameva Lwengcebo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 13:3,7,18,22 Wakhuluma kubo okuningi ngemifanekiso, wathi: “Bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela “…Kepha enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa. … Onezindlebe makezwe.”… “Ukhulumelani kubo ngemifanekiso na?” Futhi-ke ohlwanyelwe emeveni nguye olizwa izwi, kepha iminako yalesi sikhathi nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, abe ngongatheliyo. Kepha ohlwanyelwe emhlabathini omuhle nguye olizwa izwi, aliqonde, athele impela isithelo, omunye.

Listen to the radio broadcast of

Ukhula Lwameva Lwengcebo


Download audio file

Indaba yokuzibumbela uJesu   – okokuthi ungubani nakushoyo – sekuyinto esiqhubeke isikhathi eside . Phela ngiqonda la ukuthi kunomqondo othi kungeke samenza ahambisane nesikhathi sethu sesimanje ?

Sonke sivamisa ukumbuka uJesu ngokwezimo zethu . Ngesikhathi sihuhwa ngumoya wokugqama sicebe sivelele ,kuba sikhathi sinye futhi noJesu simfaka kuleloso kanye .

“Yebo nebala impilo ingaba ngumzabalazo ,kodwa nakanjani uyangithanda njengomunye wabangabakhe. Ngikhethekile kuYe .Impela uJesu weza ukuba nginothe ngibe nempilo .” Kulula ukungena ekucabangeni okunjalo. .

UJesu waxoxa umzekelo ukuchaza  ngezindlela ezehlukile  ayefuna ukukusho, okwamukelwa ngabantu abanhlobonhlobo. Nansi indlela okubekwe ngokunqanyulelwe .okuyinkulumo ebhekiswe ekulubekeleni kwethu ukuchuma sivelele sinothe :

NgokukaMathewu  13:3,7,18,22 Wakhuluma kubo okuningi ngemifanekiso, wathi: “Bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela “…Kepha enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa. … Onezindlebe makezwe.”… “Ukhulumelani kubo  ngemifanekiso na?”  Futhi-ke ohlwanyelwe emeveni nguye olizwa izwi, kepha iminako yalesi sikhathi nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, abe ngongatheliyo.  Kepha ohlwanyelwe emhlabathini omuhle nguye olizwa izwi, aliqonde, athele impela isithelo, omunye.

Isithelo akhuluma ngaso ,yimpilo eguquliwe ngokunamandla , ngokwezinga lokuthi uthando lwaKhe lugqama ekuphileni kwethu kulethe izithelo eziningi. 

Umoya wokufuna ingcebo uwufanisa nokhula olungameva olusiminyanisa  ekutheleni . UJesu akazelanga ukuzokwenza ucebe.

Yebo abanye abantu bayagcina sebethole izibusiso zengcebo kodwa akuwona umongo wokuza kwakhe lowo .

Yilona nebala  iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..