... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Amandla Okubi Mlingani Munye

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KumaHebheru 13:4 Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.

Listen to the radio broadcast of

Amandla Okubi Mlingani Munye


Download audio file

Emazweni amaningi umshado uya ngokuya uphelelwa yisithunzi sawo . Abantu sebevele bazihlalele ndawonye ,bahlukane kalula ,badlulele phambili ,bathole abanye … futhi sekuyiyonna mpilo .Yiyona ndlela izinto eseziyiyona manje .

Ngokwalomqondo wesimanje ,indlela yokwazisa umshado yobuKhrestu isiphenduke yayinto ephuphile . Yebo nebala nalento yokuthi umuntu kumele azigcine kuze kube ungena emshadweni ,emazweni amaningi isiyinganekwane esalihlaya ,isiphuphile.  

KumaHebheru  13:4 Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.

Hhayi bo ! Ngempela ?  Awusho ,usho ukuthi usekhona umuntu osacabanga ngaleyondlela ?! Ngake ngafunda umbhalo owangihlaba umxhwele ,nakhu ingxenye yokwakushiwo nguwo :

Ngesikhathi efunda umbhali womhlaba ngekudala , usomlandu nongabukholwa ubukhona  bukaNkulunkulu u- Tom Holland, kunento ayibona . 

Abakudala  babenesihluku futhi indlela yokubuka inani lempilo kwabe kuyinto ehlukile nayaziyo . Ama-Spartans ayevamisa ukubulala izingane ‘ezingekho perefect’ ngokusho kwawo. Imizimba yezigqila yayiphathiswa okwezinto nje kulabo ababesemandleni. Ukubulala izinsana ezisanda kuzalwa kwakwejwayelekile . Abampofu nababuthaka babengenamalungelo. 

Sasuka kanjani lapho safika la sikhona ? Kwaba ngubuKhrestu, ngokokubhala kuka-Holland. UBuKhrestu baqhakambisa ukuziphatha okuhle ngezocansi nasemshadweni ,baqhakambisa ukuzithiba kubantu bamelana nalo lonke uhlobo lokudlwengulwa . UBuKhrestu banika indawo yenkonzo yocansi ukuthi isemshadweni wendoda yinye nomfazi munye . Kuyamangaza ukuthi , ngu -Holland obalula lokho , okumangaza ngukuthi yizo kanye  lezinkambiso eziqotho ubuKhrestu obuhudulelwa phansi ngenxa yazo . UBuKhrestu babaphakamisa abesifazane. Ngamafuphi ubuKhrestu baguqula umhlaba.

Ungalokothi uthandabuze ukuthi  ;nakanjani isizwe esixegisa izimilo , sikhokha inani elibuhlungu ngalokho. Siba nemindeni emanhlembethwane eklayekile, izingane ezingenababa, izimpilo ezichithekile . Futhi  luyeza usuku olukhulu lwamacala .

Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..