... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

UKhisimusi Ngo- July

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isaya 9:6 Ngokubasizalelwaumntwana, siphiwaindodana; umbusouyakubasemahlombeakhe, negamalakheliyakuthiwauMlulekiomangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYiseongunaphakade, iNkosiyokuthula.

Listen to the radio broadcast of

UKhisimusi Ngo- July


Download audio file

Kungayelana nokuthi uphila kuphi ,lokhu engizokubuza khona kungazwakala kungumdlalo osamsangano. Sewake wawugubha uKhisimusi ngo July? Lutho,kungenzeka kanjani lokho.?

Njengokuba uKhisimusi kithi esisenzansi eNingizimu nebhola lomhlaba kuchaza ukuthi ukufika kukaKhisimusi ngoDecember uwela ehlobo.

Manje besingazibuza ukuthi izindawo zokudla uma kunguJuly yini eziyifaka ematafuleni asuke engakaKhisimusi,yini bengeke bakufake konke ukudla kukaKhisimusi baku decorate kahle qede sikuthokozele kumakhaza .Kuzwakala kuyimpambankwinci lokho kodwa liqiniso esizibuza lona ngokudephisa umqondo .

Futhi lokhu kungenza ngicabange ngokujulile ukuthi kungani sibeka izinsuku ezimbalwa njengo December ukugubha ukufika kweNdodana kaNkulunkulu kulomhlaba na? Umfundisi weBhayibheli owaziwayo odume kakhulu u-John MacArthur uyibeka kanje:

“Abantu abaningi bayakuthokozela ukuzalwa kukaJesu ngoKhisimusi,kodwa uthole ukuthi bayakuziba bakubeke kude le ukukukhumbula kuzo zonke ezinye izikhathi zonyaka.”

Akulona iqiniso lelo? Bangaki abantu abaya esontweni kanye kuphela ngonyaka ,ngosuku lukaKhisimusi? Ngakube yilokho kanye okuyikhona? UMphrofethi u-Isaya ekhuluma ememezela ngokuzalwa kukaJesu kusengamakhulukhulu eminyaka andukuba afike emhlabeni ,wabhala wathi :

Isaya9:6 Ngokuba sizalelwa umntwana, siphiwa indodana; umbuso uyakuba semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.

Hmm. Kubukeka sengathi kimi ukufika kukaJesu- uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.–kufanelwe ngukugujwa unyaka wonke .Ngakho angicele ukukubuza sewake wawugubha uKhisimusi ngo July?

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.