... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukholo Kuqala

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izenzo 7:5 Kepha akamnikanga [uAbhrahamu] ifa kulo, ngisho nelingangonyawo, wathembisa kodwa ukuthi uzakumnika lona libe ngelakhe nelenzalo yakhe emva kwakhe, engakabi namntwana.

Listen to the radio broadcast of

Ukholo Kuqala


Download audio file

Kwesinye isikhathi izethembiso zikaNkulunkulu zibukeka zingenakwenzeka .Ngiqonde ukuthi uzithole usesimweni lakhona ziyinto engekho sanhlobo.Kodwa uthole ukuthi nanxa kunjalo ,loNkulunkulu unguNkulunkulu wezinto ezingenakwenzeka kodwa kuYe ezenzekayo.UNkulunkulu unguNkulunkulu ongalokothi ahluleke….ngisho nalakhona ethatha isikhathi eside kunalesi thina ebesithanda kube yisona.

Sewake wakuthola kunzima ukukholwa yizethembiso zikaNkulunkulu? Ngiqonde ekutheni ,ingempela wenza izethembiso ezinhle kakhulu ngeqiniso ,akazenzi?

Kwesinye isikhathi angithi uke wathembisa uAbhrahamu ,indoda endala  eyayingenazingane ,wathi  uyoba nezwe lakhe nenqwaba yezizukulwane ngaphezu kokucabanga .Ngokungamangalisi ,kwaba nzima kulomadala  bandla ukukholwa leyonsumansumane ayitshelwa nguNkulunkulu .Kwakuwukuphupha emini lokhu kuye.

Izenzo  7:5 Kepha akamnikanga [uAbhrahamu] ifa kulo, ngisho nelingangonyawo, wathembisa kodwa ukuthi uzakumnika lona libe ngelakhe nelenzalo yakhe emva kwakhe, engakabi namntwana.

Kodwa uthole ,loNkulunkulu unendlela emangazayo yokuhola ohambweni abantu abanjengo- Abhrahamu kunye nami nawe .Okuba wuhambo esizabalaza kanzima kulona kwesinye isikhathi ,kodwa wuhambo lolu okungasilo kuphela ukuthi uNkulunkulu ubhala izithembiso zaKhe ezinhliziyweni zethu kodwa uthola ukuthi ngesikhathi sakhe esihle uyaziletha kithi.

Futhi okuthi kubukeka kushuduleka kanzima nezethembiso zakhe zinjengento engenakwenzeka –njengokuba zenze njalo ohambweni luka-Abhrahamu lweminyaka engu 25 –kukodwa kuphela uNkulunkulu akucela kithi wukuqhubeka sibambelele kwakushilo phaqa.Siqhubeke sikukholwe .

Yilokho kanye okwenziwe yilensizwa endala engu- Abhrahamu ,yebo ukhumbule ukuthi nanxa  ingakwenzeka ngokuphelele.Maningi amaphutha eyawenza endleleni.Kodwa yabambelela kuzo nanxa kunjalo.

Manje empilweni yayo lendoda ,ayizange izibone zonke lezethembiso zigcwaliseka kodwa uNkulunkulu wayinika u –Isaka ,igama elichaza ukuthi : “ihlekile” .Yebo Mlaleli ,konje ubani owathi uNkulunkulu akanayo indlela yokuncokola nomuntu ? Bheka ukuthi sihlobo sami loNkulunkulu uyazi ukuthi kwesinye isikhathi ,indlela inzima kuwe kwesinye isikhathi.Kodwa bambelela lapho .Qhubeka ukholwe .Ungaliphonsi ithawula.                                                                            

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge