... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukufunda Ezintweni Ezenzeka

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 EkaJohane 1:9 Lowo oweqisayo engemi ekufundiseni kukaKristu akanaye uNkulunkulu; ohlezi ekufundiseni lowo unaye uYise neNdodana.

Enye yezinto engenza ngimangale engqondweni yami ngukuthi lezizinto abazali bami abangitshela zona ngesikhathi ngiseyi-teenager ,izinto engangivese ngibacwayizele amehlo ngazo ,yebo zona  kanye lezo .Yizo eziphenduke zayizinto eziliqiniso ezinhle .

Awukuzondi ubuka emumva qede ubone waphaphalaza ngokungezwa ? Ngiyazikhumbula ngiyi teenager ngicabanga  ngithi , “Yini nje abayaziyo?! Baphila kwisidala bona  !”  Kuwe kunjani?  Futhi okuthi uma ukhula usuqala ukubona ubunjalo bempilo ,zonke lezozinto umama nobaba wakho ababezama ukukufundisa zona ,zibuya zonke uzibone ukuthi ziyaphila ziyiqiniso . 

Baningi abantu kulezinsuku abazibiza ngokuthi  bangaMaKhrestu  -yigama labo lelo , baphila izimpilo zabo  ngokokomoya nokwenhliziyo ncimishi njengawo ama- teenager angezwa .Bafunda iBhayibheli labo qede bathi , “ Suka yikuphi uNkulunkulu akwaziyo ? Konke lokhu okula kulo kuyisidala.”  Futhi nokuningi akushoyo ngokuthi simelwe ukuphila kanjani , sithande kanjani ,silandele uJesu kanjani bakulahla kude le ngaphandle, bakukhiphe ngewindi ,nanka amazwi esexwayiso : 

2 EkaJohane  1:9 Lowo oweqisayo engemi ekufundiseni kukaKristu akanaye uNkulunkulu; ohlezi ekufundiseni lowo unaye uYise neNdodana.

Kusonkwenzeka ungavumelani ngendlela  uNkulunkulu enza ngayo izinto eziningi ezithile ,kodwa  ungakhohlwa ukuthi iBhayibheli aliwona uFacebook ,lakhona ucofa ibhathini elingu  –‘like’ noma u –‘dislike’ qede  nguwe lowayana usuya poster njalo lowombono wakho  owuzwa ngaphakathi .Alinjalo, lutho ngane yakwethu ! 

Kukanye ngukuba uyahlala ezifundisweni zikaKhrestu ,unamathele kuzo ungasuki ,uzondle ngazo ,kumbe cha .Futhi uma ngizothembeka ,uma ngibuka emumva kwisemumva lami ,esikhathini lakhona izinto zinhlanhlathile  empilweni yami ,yilakhona engenza ncimishi njenge teenager elingakaqini ukhakhayi ,ngazitshela nganquma ukuthi ngazi kangcono kunoNkulunkulu .

Lowo oweqisayo[okapakela ngale –aqhubeke ngaleyo ndlela yakhe ]  engemi ekufundiseni kukaKristu akanaye uNkulunkulu .

Angikufisele unyaka omusha ,futhi enga ungawuqala ngamandla amasha .Happy New Year! 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..