... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuphi Umvuzo Wakho?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseKolose 3:24 nazi ukuthi niyakwamukela umvuzo wefa eNkosini. Khonzani iNkosi uKristu.

Listen to the radio broadcast of

Ukuphi Umvuzo Wakho?


Download audio file

Ngokungangabazi ,kuyinto emnandi kabi ukushayelwa ihlombe ngokwenza kahle .Sonke siyakuthanda lokho ngoba ukushayelwa ihlombe okuncane nje kungumvuzo omuhle .Inkinga manje kodwa ngukuthi  akusikho konke okwenze kahle onikwa umvuzo kukho.

Sewake wenza into enhle kumbe umsebenzi bese kuthi esikhundleni sokubongwa nokunconywa ,kodwa bavese abantu bathi buh kuwe njengezibawu  bamelane nawe ,wena ongafunga ukuthi ungumguludu wesigebengu?

Yinto ehlala yenzeka le.Noma ngabe baqhuthswa ngumona ,kumbe nje bazicikekele izinto zingahambanga kahle osukwini lwabo,noma vese banamathika ,imisebenzi eminingi emihle ayiwutholi imivuzo eyifanele ,imvamisa ivese imeme ukugxekwa nokucasuka .

Yebo nebala akukho lutho olusha kulokho .Yilokho kanye okwenzeka kuJesu .Umsindisi ezifweni,Umshumayeli,owayethanda abantu ngisho abaphansi nababandlululiwe ,owayeqebekula ukuzenzisa  kubaholi bezenkolo ….kodwa khona kunjalo kwagcina ngokuthi bambethele  esiphambanweni.

Manje ubhekana  kanjani naleyompambankwici?  Wenza kanjani ukuthi ngosuku olulandelayo uvuke ugcwele ukumoyizela ebusweni uqhubeke uyotshala uthando ,uyokwenza umsebenzi nge excellence?

KwabaseKolose 3:24 Nazi ukuthi niyakwamukela umvuzo wefa eNkosini. Khonzani iNkosi uKristu.

Yebo sihlobo sami ,kwezinye izinsuku umsebenzi wakho awuyikuthola umvuzo .Kwezinye izinsuku ,izinhloso zakho ezinhle ziyogxekwa .Kwezinye izinsuku i-excellence yakho  iyokulethela amalangabi omlilo esikhundleni  sokunconywa.Kodwa,kusosonke isikhathi iso leNkosi lithe njo kuwe.Bese kuthi esikhathini esihle uzowuthola umvuzo wakho kuYo.Umvuzo omkhulu kunakho konke lelizwe umhlaba obungakunika wona.

Ngakho qhubeka wenza izinto ngokucokemeyo nge- excellence .Qhubeka ngobuhle bakho .

Nazi ukuthi niyakwamukela umvuzo wefa eNkosini. Khonzani iNkosi uKristu. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..