... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuphindisela Noma Ukwakha Kabusha ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 18:15 “Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa naye. Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu.

Listen to the radio broadcast of

Ukuphindisela Noma Ukwakha Kabusha ?


Download audio file

Ngakho awungitshele wagcina nini ukusukelwa kwahlekiswa ngawe wathukwa ? Kuyinto eyenzekayo ngezizathu eziningi .Kwesinye isikhathi uthole ukuthi besikwi -mood engemnandi emva kwalokho ebese into encane ivese isichukuluze isikhiphe emoyeni . 

Noma kungaba yisiphi isizathu kodwa kuyinto eyenzekayo ezikhathini eziningi angithi ? Kusengenzela emndenini kumbe ngomngani ,kumbe kube ngukubekwa eceleni ngumuntu obesenhliziyweni yethu …nanoma yikuphi obekuphakathi kwethu nalomuntu . 

Noma ngabe yini isisusa kodwa kuvese kuveze umuzwa we entitlement kithi  – Ngifanelwe okungcono kunalokho angenza khona ! Angingabazi ngumuzwa owejwayele lowo ,sonke esibhekanayo nawo . Inkinga ngukuthi lomuzwa …imvama awutheli izithelo ezinhle .Ngena …Jesu . 

NgokukaMathewu  18:15 “Kepha uma umfowenu ekona, hamba umsole ninodwa naye. Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu.

Lokhu kuletha umbuzo omkhulu .owakhulunywa yilowo oweza kulomhlaba ukuzokusindisa mina nawe ukuba singabi kwiphakade  elehlukanisiwe noNkulunkulu ngenxa yezono zethu .

Uma kukhona osonayo ngakube sihlala sifuna impindiselo kumbe ukulungisa lokho esonene ngakho njengokuba uJesu wenza ? Awungitshele  esikhathini owagcina ngaso ukunyokolozwa ngomunwe esweni wenze njani kulomuntu owayekunyokoloza ? Ngakube waba sentshisekelweni  yokuthi konje angangigila yini nakanjani  uzolutheza ukhuni olunenkume ,kumbe semoyeni kaKhrestu wokufuna ukubuyisana kulungiswe izinto eziniqhathayo  ?

Uma kukhona abakonayo ,batshele kahle ngobumnene eceleni . Uma ekuzwa, woba umzuzile umfowenu- uyobe wenze umsebenzi wokubuyisela ubudlelwane .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje. U