... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukusangana

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 EkaPhethru 1:13 Ngalokho zibopheni izinkalo zengqondo yenu, nizithibe, nethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa ekwambulweni kukaJesu Kristu.

Listen to the radio broadcast of

Ukusangana


Download audio file

Enye yezinto enginyakazisa umoya ngabantwana bakaNkulunkulu kulezinsuku ngumuzwa   okhulayo wokuthi njengokuba inkululeko yethu yobuKhrestu izulelwa ngamanqe asho ukuyidwengula ,njengokuba isencupheni kulezinsuku ,into esemqoka kakhulu kithi wukuba siyivikele .

Kunzima ukungafinyeleli ekuqondeni ukuthi lomqondo wokuhambisana nenkambiso yepolitiki yesikhathi evuna bonke abantu , phecelezi [political correctness] ,isifike esigabeni lakhona seyinhlanhlathe kakhulu.Lomqondo uyinto ebeka encupheni ilungelo le- freedom of expression ,ilungelo lenkolo,ilungelo lokuphila impilo yethu yokholo lobuKhrestu.

Kuyinto engajwayelekile  ukuthi kuboshelwe amajoka qede kunikelwe ,ekulweleni ukholo lwethu  kunye nefreedom of expression .Manje ,ngisacela ungangizwa ngendlebe okungeyiyo kuloludaba ,lezozinto zobili ziseqhulwini lenhliziyo yami nami….kodwa uma ubuzwe bobuKhrestu sekuyibo osebuphethe ezindabeni zethu zokubhekana zezomphakathi ….kulapho la ngikholwa khona sisuke sesiwulahlile umkhondo wokuba ngabantu ababizwa ngegama likaKhrestu .

1 Phethru  1:13 Ngalokho zibopheni izinkalo zengqondo yenu, nizithibe, nethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa ekwambulweni kukaJesu Kristu.

UPhethru wawabhala lamagama  kuMaKrestu ayekhashelwa ehlushwa kanzima .Akawetshelanga ukuthi mawaqiniseke ayayiwina impikiswano,kodwa washo okwehlukile ,ukulungisela imiqondo yawo ukwenza inkonzo egcwele ukuzibopha izinkalo zengqondo [self control] .Njengokuba u :  William M Comfort ebeka athi  … iself-control ivamisa ukusebenza ekuphikisaneni nokwenza nokusho lokhu wena ofuna ukukusho kungakhathalekile kunamphumela muni .

Ngakube amaKhrestu  afanelwe yini ukuba yingxenye yezimpikiswano zomphakathi? Ngakube simelwe  ukuletha umhlahlandlela wezingxoxo futhi sakhe umnkantsha wokuziphatha esizweni? Nebala kunjalo impela ! Kodwa iqhaza lethu eliseqhulwini kulomhlaba alisikho ukuwina izimpikiswano,kodwa  ngukuwina imiphefumulo .Okuyilokho kanye uPhethru akushoyo : 

Ngalokho zibopheni izinkalo zengqondo yenu, nizithibe, nethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa ekwambulweni kukaJesu Kristu.

Ungalokothi uvumele ubuzwe bakho bobuKhrestu bu-hijacke  okuyikhona okuyinhlosoingqangi yakho  .INkosi yethu iyabusa futhi sinamalungelo onke ukubeka wonke amathemba ethu emseni waYo. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge