... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukukhetha Okunzima

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 39:1-3,7 Ngithe , “ngizakulinda izindlela zami ukuze ngingoni ngolimi lwami ,ngizokugcina umlomo wami ngesifonyo,omubi esekhona phambi kwamehlo ami”.Ngabindela impela ngathula ,nakukho okuhle;kwavuswa ubuhlungu bami.Inhliziyo yami yavutha phakathi kwami,kwaphembeka umlilo ngisazindla,ngakhuluma ngolimi lwami. “Kalokhu-ke Nkosi ngilinde ntoni na ? Ithemba lami likuwe.

Listen to the radio broadcast of

Ukukhetha Okunzima


Download audio file

Isikhathi lakhona ukholo lwethu lusuke luvivinywa ngokweqiniso ,yila khona esisuke siphathwa ngokungenabulungiswa khona.Iphutha lokungabi nabulungiswa yinto le eshisayo ezinhliziyweni zethu .Kuyinto engavese iqhubuke ikapakele ngaphandle qede  ibe ngumlilo wequbula wona ongenakulawuleka .

Ngingacela ukukubuza uke ucabange lakhona kunguwe owabe usesayidini lokungabutholi ubulungiswa? Into othi mawuyicabanga ubone ukuthi yayi –unfair ngokungachazeki ,okunganzima ngisho ukuthola amagama angasho ngqo-achaze kangcono ?

Wazizwa unjani kulesosimo ? Wazizwa ufuthelana ,ufuna ukubuyisela ,kumbe uphoxeke lokhu okwedlulele kumbe wavese waqhubeka  nje nempilo.UDavide wabhekana nezabelo zakhe zokungaphathwa ngobulungiswa kaninginingi  empilweni.Nakhu okungumuzwa wakhe kwesinye isimo owayebhekene naso :

Amahubo 39:1-3 Ngithe , “ngizakulinda izindlela zami  ukuze ngingoni ngolimi lwami ,ngizokugcina umlomo wami ngesifonyo,omubi esekhona phambi kwamehlo ami”.Ngabindela impela ngathula ,nakukho okuhle;kwavuswa ubuhlungu bami.Inhliziyo yami yavutha phakathi kwami,kwaphembeka umlilo ngisazindla,ngakhuluma ngolimi lwami.

Nginesiqiniseko ukuthi lendaba uyizwa nawe ingena khaxa kuwe.Kulesigaba wayezama ukwenza okuhle ,kodwa omubi wayelokhu emnyokomula  ngokungenabulungiswa.Umlilo wavutha kuDavide ngaphakathi .Wayefuna ukusho okungaphakathi…futhi yilapho kulesigaba kanye okwabiza ukuba enze isinqumo sakukhethayo.Nathi kukulesigaba kanye la okumele sikhethe esikukhethayo khona .Sizokwenzani ngalokhu ngabi nabulungiswa obenziwa kithi? Sizothini?  Ngakube sizovese sidedele lomlilo oshayo enhliziyweni ?

Amahubo  39:7 “Kalokhu-ke Nkosi ngilinde ntoni na ? Ithemba lami likuwe.

UDavide wakhetha kahle .Esikhundleni sokudedela lomlilo owawuvutha ngaphakathi [ okwakuzobe kufanele futhi awudedele] wakhetha ithemba .Hhayi ithemba nje eliyize ,elingabazekayo elingazeki kahle .Cha,wakhetha ukulinda ngesineke ,athembe eNkosini .

Wena uzokhetha kuphi ? Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge