... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Inkuthazo KaNkulunkulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 15:4 Ngokuba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe nethemba

Listen to the radio broadcast of

Inkuthazo KaNkulunkulu


Download audio file

Akekho kithi othandayo mase izinto ziqina empilweni.Sonke sakheke ngokuthanda konke kube  buthebelele.Ngakho uma sesisondele kulesosikhathi sobuhlungu ,kukhona esikudingayo kuleyongxaki .Into enamandla ukwakha kithi ukuphikelela ngesineke ngokubekezela.

Izolo ngixoxe ngokuphikelela ngesineke  futhi ngaphinde ngasho ukuthi anginkamunkamu  nokugijima .Uzakwethu uthi uye akhumbule esesemasosheni avese ezwa inhliziyo iba ncane uma ekhumbula babelolongwa kanjani ngokugijima kanzima ubelethe ubucker wamasosha osindayo ,wumjojantaba wesibhamu ,amabhodlela amanzi agcwele ,ngalowomzuzu kwakumele bagijime 9 miles okuyibanga elide kakhulu.Uthi ngisho namanje kuvese kube sengathi yinto le ebiyenzeka izolo, ngendlela e fresh ngayo engqondweni ,nakuba sekwaphela 40 wonke weminyaka .

Uthi kunezinsuku lakhona ,owayeke alingeke ukuvese aphonse ithawula kodwa ukugqugquzelwa ngozakwabo yikho okwakumenza akwazi ukuphikelela noma esezidonsa.Amagama anobumnene ababewasho bethi ,sizogcina sifikile ekugcineni.

Ukukhuthazwa uma ukubheka kahle  kungukhiye  wesinongo sokwakha ukuphikelela .

KwabaseRoma 15:4 Ngokuba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe nethemba

IZwi likaNkulunkuli linamandla ,kodwa kulezokhathi ezinzima ,lingezwakala lisinda lakhona sibheke nobuhlungu.Iphuzu lapha lisekutheni ngesikhathi siduduleka sifuzula ,kwakheka kithi ukuphikelela ,siba ngaba namandla kakhulu kunakuqala,sibe ngabanganyakaziswa ,siqine njengedwala okholweni lwethu  kuYe .

Futhi  lokho ,okuholela ethembeni,uhlobo lwethemba elingakhathali,elingaphoxani.Kodwa manje kungani abantu bazitshele ukuthi bangakwazi ukukwenza lokhu ngaphandle  kokukhuthazwa nguNkulunkulu,ngaphandle kokukhuthazwa yizibhalo ,lokho kuye kungimangalise impela.

ukuze ngokubekezela[ngokuphikelela ngesineke]  nangenduduzo yemibhalo sibe nethemba Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge