... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuthula Komphefumulo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KwabaseThesalonikha 3:16 Kepha iNkosi yokuthula uqobo mayiniphe ukuthula ngezikhathi zonke nangezindlela zonke. INkosi mayibe nani nonke.

Listen to the radio broadcast of

Ukuthula Komphefumulo


Download audio file

Ukuthula yisihloko engithandayo ukude ngibuyela kuso ,ngoba impilo yokuthula iyimpilo enkulu kunazo zonke esingazithola kuNkulunkulu …okungakho esitshela ukujonga ukuthula .Ukukwenza umgogodla ezimpilweni zethu 

Ngakho ,ngakube inokuthula okungakanani impilo yakho njengamanje ? Ekujuleni kwenhliziyo yakho ,la uqobo lwakho luhleli khona ,la imizwa yakho yeqiniso ikhona ,okuyindikimba yezinto ezisemqoka kuwe zigcinwe khona ,ngakube kukhona ukuthula noma kunesiyaluyalu? 

Ngakube ugcwalisiwe ngokugeleza kokuthula okungachazeki  lokhu uJesu akuthembisa  phakathi kokuzingelwa  nasezilingweni ,kumbe ngokufihlakele ushukumbiswa wukukhathazeka  ngento ethile ? 

Uma kungukuthi lokhu engikushoyo kuyikho kanye  oshukwa yikho njengamanje ,kuneZwi ,yebo iZwi likaNkulunkulu eliphilayo ,engifuna ukulikhuluma  phezu kwakho namhlanje .

 2 KwabaseThesalonikha 3:16 Kepha iNkosi yokuthula uqobo mayiniphe ukuthula ngezikhathi zonke nangezindlela zonke. INkosi mayibe nani nonke.

Ngu Phawuli lo ephetha incwadi yakhe ebandleni laseThesalonika  ; uyabona lawomavesi okugcina esingawanaki .kodwa yiZwi likaNkulunkulu kanye leli ,esilaziyo ukuthi liyaphila  futhi liyasebenza ,libukhali kunenkemba esika nhlangothi zombili  futhi namhlanje izwi likaNkulunkulu kuwe sihlobo sami ngukuthula ,ukuthula kwaKhe zikhathi zonke ,ndlelayonke . 

Ngakho imvamisa izimo esizithola kuzo azikho olawulweni lwethu .Kuyo kanye lencwadi uPhawuli ukhuluma ngezinto ezinzima ,eziyingozi nezesabisayo kubahlobo bakhe. 

Kodwa ekugcineni ukhuluma ukuthula kukaNkulunkulu phezu kokuphila kwabo ,okuyilokho nami engikwenzayo kuwe njengamanje .Usukulungele ukukumukela ? Uzokukholwa na? 

Kepha iNkosi yokuthula uqobo mayiniphe ukuthula ngezikhathi zonke nangezindlela zonke. INkosi mayibe nani nonke.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..