... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuxephuka Okungenampilo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

EkaJakobe 1:22 Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa.

Listen to the radio broadcast of

Ukuxephuka Okungenampilo


Download audio file

Esigabeni esithile endleleni ,noma ubani okhetha ukukholwa nguJesu ,uba nokukhetha kwesibili ukukwenza .Ngakube uzokwenza lokho uJesu amtshela ukukwenza na ,kumbe ngakube lomuntu uzoziqhubekela nempilo ngokwejwayelekile ? 

Enye yezinto esengike ngayiqaphela kubantu abazibiza ngokuthi bakholwa nguJesu, ngukuthi abaningi   kunyamana mbana kubo lokhu uJesu abatshela ukukwenza  – asitshela ukukwenza  

Futhi yebo ,iningi lalezozinto azehli kahle asuke ezisho . Thanda isitha sakho .Phendulela esinye isihlathi. Hamba elinye imayela ngaphezulu. Futhi ngokokusabala komqondo uma sizothembeka ,yizinto ezingelula kithina sonke .Kodwa esigabeni esithile kulo kanye loluhambo lubaba lunjalo ,sinesinqumo esimelwe ukusenza . 

Kukanye ngukuthi simthatha ngokuserious siqale siphile ngendlela yaKhe , kumbe  siqhubeke njengenjwayelo ,sizibe lezongcucu esingazinambithi kahle .Kusikhathisinye ukuthi hle hle lokhu kokuqala kuyisinqumo ,ebese lokhu kwesibili kuvele kuzozenzekela uma singasithathanga isinqumo sokuqala .Ngakho wena sihlobo sami ukuphi  nesigaba saloluhambo lwakho ? Ngakube usunqumile noma qha ? 

EkaJakobe 1:22 Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa.

Ngamanye amazwi uma singabezwa iZwi laKhe kuphela ,singalenzi ,singabantu abazenza opapayi ,sizidlalela umacashelana   nje ,ukholo lwethu alusizi ngalutho. Siphila amanga . 

Ngake ngezwa omunye ethi ,kungenzeka uphethe ibhayibheli esandleni sakho ,mhlawumbe ushumayele nangalo kodwa umbuzo uthi ngakube uhleli kulona uyaphila ngalo na? Lowo ngumbuzo omuhle kakhulu ngoba uma ungekho kulona uyazikhohlisa. 

Mhlawumbe namhlanje bese kuyisikhathi sokukucabangisia lokho . Mhlawumbe namhlanje ngusuku lwakho lokuthatha lesinqumo esinqala ngoKhrestu esedlula zonke ezinye . 

Lalela sihlobo sami esihle! Lenze iZwi ungabi ngolizwayo kuphela ,ngoba phela uzobe uphila ngokuzikhohlisa .

Kunamandla ukumthatha ngokuserious uJesu .Yebo nebala kungumzabalazo  kodwa ngumzabalazo osiholela  empilweni entsha ceke . Pho usalindeni? 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..