... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Uma Omunye Ehlupheka

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 Samuweli 1:4,5 Kwakuthi ngosuku u-Elkhana ahlaba ngalo ,wanika uPhenina umkakhe nawo onke amadodana namadodakazi akhe izabelo ,kepha wanika u Hana isabelo siphindwa kabili ,ngokuba wayemthanda u Hana ,kepha uJehova wayesivalile isizalo sakhe .

Listen to the radio broadcast of

Uma Omunye Ehlupheka


Download audio file

Uphendula kanjani uma omunye ehlupheka ? Akukho lula akunjalo ? Ngakwesinye isandla uzizwa ungenalusizo ,kodwa ukusondela usize uthole ukuthi kusibiza ukuzinikela  okudla inani elikhulu kithina .Pho manje sibhekane kanjani nokungenelela kulezozimo? 

Izolo besinomama uHana ebhayibhelini kwiThestamenti Elidala ,yena owayengafani no nkosikazi omunye ka Elkhana ,wayengakwazi ukumtholela abantwana . 

1 Samuweli 1:2 [U- Elkanah ] wayenabafazi ababili ,igama lomunye lalinguHana ,igama lomunye lalinguPhenina,uPhenina wayenabantwana kepha uHana wayengenabantwana.

Lokho akusimangazi ubuhlungu okwakubuletha phezu kokunyokolozwa nguPhenina 

Manje ngiyajabula ukuthi kulezinsuku sesiphila impilo yonkosikazi oyedwa,kuthi gqwagqwa isithembu .

Kodwa phambilini kwakungenjalo amadoda ayeganwa aze abe yimidodovu yamakhehla kuze  kuphele inkani kuwo . 

Futhi kulesimo into eyayilula ku Elkhana kwabe kungumenza untandokazi uPhenina kuno Hana .Phela ekugcineni kwakho konke nguPhenina owayemzalela izingane .Kwakubukeka  kungu Phenina owayehambisana naye ngegceke ,kwazise uHana wayehlala eqhatha usizi ,elila.Ukuthanda uPhenina kakhulu kuno Hana kwakungaba lula kakhulu  ukukwenza .Kodwa u-Elkhana akakhethanga ukwenza kanjalo : 

1 Samuweli 1:4,5 Kwakuthi ngosuku u-Elkhana ahlaba ngalo ,wanika uPhenina umkakhe nawo onke amadodana  namadodakazi akhe izabelo ,kepha wanika u Hana isabelo siphindwa kabili ,ngokuba wayemthanda u Hana ,kepha uJehova wayesivalile isizalo sakhe .

U-Elkhana wathola indlela emnandi yokukhombisa uHana uthando lwakhe .Ngiyazi kwakungelula ukubhekana nokwehla nokunyuka kwesimo senhliziyo yakhe lonkosikazi.Futhi uthando lwalendoda  aluzange lwasivala sanhlobo  isikhala esasingavalwa ngumntwana kuphela .Kodwa waqhubeka wamthanda noma kunjalo ,ngendlela ephambili ngokokubona kwakhe .

Ukuthanda umuntu onhliziyo yakhe iyopha kuyi –invetsment.Kusibiza okuthile .Yiyona ndlela okumele kube yiyona . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..