... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

UMphathi Odiniwe

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Umshumayeli 10:4 Uma umoya wombusi ,ukuvukela ungashiyi indawo yakho,ngokuba ukubekezela kuvimba izono ezinkulu.

Listen to the radio broadcast of

UMphathi Odiniwe


Download audio file

Kulula ukuba nomuzwa wokuthi iBhayibheli – yona kanye lento  thina MaKhrestu esiyibiza ngeZwi likaNkulunkulu  – sizitshele ukuthi engizikamoya  kuphela.Akulona iqiniso eliphelele lelo .Ngoba uNkulunkulu ufuna ukuba uthando lwaKhe lube namandla omthelela kuzozonke izingxenye zokuphila kwethu . 

Futhi enye ingxenye yokuphila kwethu esemqoka  ngokungakholakaliyo ,impilo yethu yokusebenza .Yebo nebala akusibo bonke abenza umsebenzi okhokhelayo ngemali ,kodwa iningi linawo ,kumbe kwizingxenye ezithile kumbe esikhathini esithize  sempilo yabo.

Umsebenzi ubambe ingxenye enkulu yesikhathi sethu .Futhi yebo  nebala ,esinye sezinhloso zawo ngukwakha imali esiyidingayo ukuze sibeke ukudla eziko sibe nophahla silale sifudumele.Kodwa esinye futhi ngukukwazi ukusebenzisa iziphiwo zethu okuthi uma sizisebenzisile sikwazi ukuthola izinga elithile lokuzizwa sinelisekile .

Ngiyazi ,ngazi kahle ukuthi lelophuzu  akuhlali kuyilo ngoba abanye abantu basemsebenzini ongesiso isiphiwo sabo .

Kodwa esinye isizathu ngukuthi ungagcina uphethela kumphathi noma umqashi obukhuni .Sengike ngaba kuleyompilo futhi akusiniswa amahleza, akudlali ukuba kulesosimo.Lutho sanhlobo! Okuvele kuthi ngokwemvelo ,emva kokuthi lomphathi kumbe umqashi esesishuke saze sabomvu kuvese kufike umoya wokuthi ivese imbongolo iwulahle umthwalo .Emva kwalokho sifune ukuyofuna omunye umsebenzi.Kodwa ikhona enye indlela ehlukile .Indlela enobuNkulunkulu phakathi.

Umshumayeli 10:4Uma umoya wombusi ,ukuvukela ungashiyi indawo yakho,ngokuba ukubekezela kuvimba izono ezinkulu.

Isizathu abantu besidumaza ,yingoba sivumela basidumaze.Kukithi ukuba sibe ngabanqobi noma yizisulu kulesisimo.Isisulu siphuma busululu sifake umsila phakathi nemlenze .Umnqobi ukhetha ukuphila inhlakanipho kaNkulunkulu kulesisimo 

Ngakho ungawushiyi umsebenzi wakho  ngenxa nje yokuthi ubasi ukudinelwe .Uma uvese uzibekele umoya phansi ngokusengathi akwenzakalanga lutho futhi ube lusizo ,ungakwazi ngisho ukuqondisa amaphutha amaningi ngalowomoya ,ube uzithulele.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..