... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

UMsindisi ONgamnandi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 8:42-44 Wathi kubo uJesu: “Uma uNkulunkulu ebenguyihlo, beniyakungithanda mina, ngokuba ngafika ngivela kuNkulunkulu; ngokuba angizizelanga ngokwami, kepha yena ungithumile. Yini ukuba ningayizwisisi inkulumo yami na? Kungokuba aninakuzwa izwi lami. Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo

Listen to the radio broadcast of

UMsindisi ONgamnandi


Download audio file

Akekho kithina othandayo ukuzizwa eqhubukusheka . Kwesinye isikhathi sizizwa sinyezeka uma lomuntu okhuluma nathi engovese asehle asidilike  nje . Kwesinye isikhathi kube ngenxa yokuthi lomuntu ubesitshela iqiniso elilumela phakathi enhliziyweni kithi.

Ngangikomunye umhlangano ngolunye usuku nomunye umholi wezenkolo ,ngendlela akhuluma ngayo ngobizo lwami uNkulunkulu angibizele ukukwenza kwakungenza ngichukuluzeke.Hle hle ngathuka ngamangala .Manje kukithi ukukhetha ukukwamukela ukuchukuluzwa noma qha – mina ngakhetha ukungakwemukeli . Kodwa nawe sewubile kulesisimo ,nebala akumnandi angithi? 

Ngenhlanhla enkulu ,kumbe ngokucabanga kwethu ,uNkulunkulu unguNkulunkulu wothando ,soze asifaka ekuchukuluzekeni .Ekugcineni phela singabakhethekile kuYe . Hmm.

UJesu ekhuluma nabanye abantu ,futhi azi okwakusezinhliziyweni zabo wathi :

NgokukaJohane  8:42-44 Wathi kubo uJesu: “Uma uNkulunkulu ebenguyihlo, beniyakungithanda mina, ngokuba ngafika ngivela kuNkulunkulu; ngokuba angizizelanga ngokwami, kepha yena ungithumile.  Yini ukuba ningayizwisisi inkulumo yami na? Kungokuba aninakuzwa izwi lami.  Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali

wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo

Uma uJesu wayekhulume kuwe kanjalo ,wawuzizwa ungochukuluzekile ? Impela nembala . Kodwa uma esekubukekeni ngokungathi uyasichukuluza akungoba esenyeza . Yingoba usitshela iqiniso elilumela lithinte ukushaya kwenhliziyo ,elingephikiswe .

Futhi kufanele uma lokho kwenzeka ,kuchaza kusuke kuyisikhathi sokulalela .

Yilona nebala  iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..