... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Yini Okuhle ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Mika 6:8 Ukutshelile ,muntu ,okuhle ,uJehova ufunani kuwe ,kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa ,uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka na?

Listen to the radio broadcast of

Yini Okuhle ?


Download audio file

Kulesikhathi esikuso kubukeka umhlaba ukwenza ngenhloso ukugqiba umehluko ungacaci phakathi kokuhle nokubi ? Futhi kulula kimina nawe ukushaneleka singene kulomqondo wesikhathi . Manje ake sihlolane ,yini ingempela okuhle ?

Mumva le ngesikhathi ngisengumfana omncane ubaba wakwenza kwaba ngumgogodla kimi ukungifundisa umehluko phakathi kokuhle nokubi. Kwesinye isikhathi lokho wayekwenza ngokunenebula izinqe zami ngebhande lakhe . Nakuba kuyinto ongeke usakhuluma noma kanjani ngayo le,kodwa uswazi lwakhe kimi lwenza umehluko kakhulu kwengiyikho . 

Kodwa kwisimanje sinomqondo wokuzenza amaqanda uqobo  izingane zethu ziyazi-spoiler  … futhi okuthi ngenxa yalokho sinesizukulwane esikhulu , sonke esikhula singazi nanyaka singazi ukuthi yikuphi okuhle yikuphi okubi kuso kuyefana konke nje ngenxa yokuthi zitotoswe yithi kanye singabazali. Ngalowomzuzu lesizukulwane sezingane zethu zishaye ujenga ziyotheleka eweni .

Ngakho uma ngingase ngikubuze ngamafuphi ,kuchaza ukwenze njani ukwenza okuhle ? Ngesikhathi usacabanga ngalombuzo ,nansi impendulo enhle :

Mika 6:8Ukutshelile ,muntu ,okuhle ,uJehova ufunani kuwe ,kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa ,uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka na?

Kusobala kanjalo nje ukwenza okuhle kuchaza ukwenza ukulunga hhayi wena uhlale ukufuna kwenziwe kuwe. Siqiniseke bonke abantu asibaphathi ngokwenzelela noma siyabathanda noma asibathandi . Kusho ukuthanda umusa nezibele – hhayi nje sibe nezibele kodwa sikushisekele lokho.Futhi kuchaza ukuhamba ngokuthobeka noNkulunkulu – ukumhlonipha nokumlalela , ukushisekela ukwenza intando yaKhe nokuyenza . 

Kuchaza lokho ukwenza okuhle .

Nebala  yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..