... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Yonke Ingxenye Yempilo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 127:1,2 Uma uJehova engayakhi indlu,basebenzela ize abayakhayo;uma uJehova engalondolozi umuzi ,umlindi wawo ulindela ize .Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni niphuze ukuphumula,nidle isinkwa sezinhlupheko,ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.

Listen to the radio broadcast of

Yonke Ingxenye Yempilo


Download audio file

Ungabuza imvamisa abaningi ukuthi; “ manje kuhamba kanjani? ” ,imvama impendulo izothi  ; “eyy uyazi ngimatasa ,asikho esokuphumula” .Singabantu kulezinsuku sikuthwele ngeqoma ukuba matasa ngisho nala khona uthola ukuthi kuyasikhama kuyasibulala.

Enye yezinto engiyithanda kakhulu ngoNkulunkulu ngukuthi uthanda ukuba yingxenye yezingxenye zonke zokuphila kwethu .Futhi hhayi ukuthi abe yingxenye nje ,kodwa ukuba asibusise kwizingxenye zonke zokuphila kwethu.

Eminyakeni eminingi edlule ngangisebenza amahora amaningi kakhulu  cishe zonke izinsuku ,ngaze ngazizwa ngikhathele ngiwudaka.Ngakho ngaya kudokotela.Wenza wonke ama-test. “ Awunalutho wena ,akukho sifo engisithola emzimbeni wakho.” Isiphetho sakhe ? “ inkinga yakho awukutholi ukulala okwanele .Udinga ukwengenza ihora elilodwa ubusuku bakho ngalinye lokulala.” Kulowomzuzu ngangizitshela ukuthi ngiwusomlingo uqobo .

Kukulesosikhathi lakhona ngathola lokhu eZwini likaNkulunkulu :

Amahubo 127:1,2 Uma uJehova engayakhi indlu,basebenzela ize abayakhayo;uma uJehova engalondolozi umuzi ,umlindi wawo ulindela ize .Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni  niphuze ukuphumula,nidle isinkwa sezinhlupheko,ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.

Kwenzeka into emangazayo uma sivumela uNkulunkulu angenelele kwizingxenye zonke zokuphila kwethu .Ukhuluma inhlakanipho yaKhe ezinhliziyweni zethu.Uletha ukuphumula,uletha ukulala kulabo abathandayo.

Ungangizwa kabi ,ngiyakholelwa ekusebenzeni kanzima .Futhi angikutshele ukuthi akungikhathazi ukusebenza amahora amade ngisebenza kanzima ukufeza izinto uNkulunkulu angenzela ukuba ngizozenza kwamhlaba.Kodwa kunesigaba lakhona ukusebenza kakhulu kungesikho nje ukuthi kuhlubula ezempilo zethu kuphela,kodwa  okusuke kuchaza ukuthi awumethembile uNkulunkulu .

Ufuna ukuba yingxenye yokuphila kwakho .Muvumele.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge