... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Sisebenzise Isiphiwo Noma Sikulahlekele

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Zefaniya 1:12,13 Ngiyakuthi ngaleso sikhathi ngicwaninge iJerusalema ngezibani,ngihambele abantu abajiyile enhleseni yabo,abathi ezinhliziyweni zabo uJehova akenzi okuhle ,akenzi nokubi.Ingcebo yabo iyakuba yimpango nezindlu zabo incithakalo ;bayakwakha izindlu kepha abayikuhlala kuzo ,batshale izivini bangaliphuzi kodwa iwayini lazo .

Listen to the radio broadcast of

Sisebenzise Isiphiwo Noma Sikulahlekele


Download audio file

UNkulunkulu unguNkulunkulu wothando .Nakanjani alukho ungabazane ngalokho .Okungakho angayikuvuma ukuba sithele igazi phansi ,okungakho engayikuvuma ukuba sinethezeke phansi komthunzi sinabe thwi ,okungakho esibiza ukuba siphume ebuntofontofweni size kuYe . 

Ukungakholelwa ngokunikiwe nguNkulunkulu  nokuzibukela phansi ngesinye sezono ezimbi .Kudlavuza izimpilo zethu njengomdlavuza ocashile ,kusenze zithi dedelele imizimba sizihlalele phansi ngezinqa zethu ,singagijimi necebo likaNkulunkulu  ngezimpilo zethu . 

Bengiyaye ngihlale ngihle ngimangale ukuthi kungani ubaba wayengidudula engiqinisa ngisemncane ukuthi ngingahlehli.Wayengakaze ehlele ngenzansi kulokho .Wayeqiniseka ngiyavuka emaqandeni .Emva kweminyaka eminingi sengiyabona ukuthi wayenzani kimi .Wayefuna ukuqiniseka ukuthi njengendodana yakhe ayithandayo ngisebenzisa konke uNkulunkulu angidale ngayikho ngingagodli lutho .NoBaba wethu oseZulwini akahlukile kulokho . 

Zefaniya  1:12,13 Ngiyakuthi ngaleso sikhathi ngicwaninge iJerusalema ngezibani,ngihambele abantu abajiyile enhleseni yabo,abathi ezinhliziyweni zabo uJehova akenzi okuhle ,akenzi nokubi.Ingcebo yabo iyakuba yimpango nezindlu zabo incithakalo ;bayakwakha izindlu kepha abayikuhlala kuzo ,batshale izivini bangaliphuzi kodwa iwayini lazo .

Isithombe esimfiliba nokho esingconywana ngolimi lwesiHebheru uma sichaza  ukuzibukela phansi uhlale phezu kweziphiwo zakho ,ngelithi ,wukuvuthwa kobisi lube muncu kumbe iwayini  eliphenduka libe muncu .Ukungaziboni iziphiwo oziphiwe kukwenza ubenjalo kanye .Sigcina sesiphila impilo yamanzi amile angahambi angayi ndawo agcina esenuka ukuba wudaka olumnyama . 

Asikucacise lokhu ukuthi endlini kaNkulunkulu ukusonga izandla ungenzi lutho ngenxa yokungazithembi kube kukhona ongalwenza ,cha akunandawo sanhlobo umuntu onjalo  .UNkulunkulu ukuphe isiphiwo esehlukile  ,thina sonke esingenaso  futhi usibeke kuwe ukuba akhazinyuliswe ngaso uma ususisebenzisa .

Futhi akushoyo la ,akusho kithi sonke ,ngukuthi uma singasisebenzisi sizolahlekelwa yiso .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..